UMASIPALA waseThekwini uphonsele inselelo isinqumo seCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) sokuthi uqashe ngokugcwele abasebenzi abayitoho abangu-1 456.
Emasontweni ambalwa edlule, uKhomishana uJerald Vedan, waseCCMA, wehlulele ngokuthi umasipala uqashe laba basebenzi abanye babo abaneminyaka engaphezu kuka-10 beyitoho.
Kuthe inyunyana ebamele iMunicipal and Allied Workers Union of South Africa (Matusa) nabasebenzi besabhiyozela le mpumelelo, umasipala wasiphikisa isinqumo seCCMA.
Ngokusho kwePhini likaNobhala weMatusa, uMnuz Thulani Ngwenya, umasipala ubanike amaphepha aphikisayo ngoMgqibelo ekuseni.
UNgwenya uthe kuyilungelo lawo nawo umasipala ukuphikisa isinqumo seCCMA kodwa ngeke ulibone elidlalayo.
“Isinyathelo sikamasipala asisho ukuthi sesiyaguquka isinqumo seCCMA. Sisenjalo futhi iMatusa izofaka awayo amaphepha iphikisa okufunwa umasipala,” kusho uNgwenya.
Esitatimendeni esifishane osithumele abezindaba, lo masipala uthi usibonile isinqumo seCCMA esiwuphoqayo ukuthi uqashe ngokugcwele abasebenzi abangaphansi kohlelo, i-Expanded Public Works Programme (EPWP).
Lo mkhandlu uveza ukuthi uthathe isinqumo sokuphonsela inselelo lesi sinqumo ngoba awunikezwanga ithuba lokuthi ufake amaphepha awo eCCMA.
UNksz Silindile Sokhela ongumsebenzi kamasipala oyitoho, ungomunye wabantu iCCMA ethe abaqashwe ngokugcwele, uthe kusho ukunqoba kuyena okwenzeke eCCMA.
UNksz Sokhela uthe bese bekhathele ukusebenza njengezigqila, benza umsebenzi ofanayo namahora alinganayo nabasebenzi abaqashwe ngokugcwele kodwa behola amakinati imali engaphansi kukaR3 500 ngenyanga.
“Umasipala udlala umacashelana nathi. Akusiqedi amandla akwenzayo, sizoqhubeka nokulwa. Ngineminyaka engu-10 ngikwi-EPWP. Ngiyajabula sikhishwe ebugqileni ebesikubona. Besibizwa ngoqedindlala, sihola imiholo engenamihlomulo futhi singabonelelwa ngalutho ngisho sishonelwe,” kusho uNksz Sokhela.
Babalelwa ku-5 000 abasebenzi abayitoho ngaphansi kukaMasipala waseThekwini.
UMnuz Thokozani Maxego weMatusa KwaZulu-Natal, uthe vele umqashi usafuna ukuqhubeka nezinhloso zokubaxhaphaza abasebenzi ngokubasebenzisa ezindaweni zabantu abaqashwe ngokugcwele, yena ebe ehlomula.
“Ibuhlungu into eyenziwa yilo masipala kubasebenzi. Umqashi akanayo inhloso yokubaqasha ngokugcwele, ufuna ukuqhubeka abaxhaphaze,” kusho uMaxego.