INTATHELI YESOLEZWE NGEMPELASONTO
IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, licela abezinkampani ezizimele ukuthi bangabukeli ziwushaya kodwa basondele balekelele enkingeni kagesi exake izwe.
Izwe lihleli lubhojozi ngenxa yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga futhi kuya ngokwenyuka ikakhulu njengoba kungene ubusika. UMashatile ubekhuluma ngesikhathi eKwaZulu- Natal, ohambweni lwezinsuku ezimbili ezobheka isimo esifundazweni.
UMashatile usho lokhu nje, i-Eskom kade isanda kukhipha isitatimende ithi kungase kwenyuselwe esigabeni sesishiyagalolunye ukucinywa kukagesi ngenxa yengcindezi. uMashatile uthe zikhona izinhlelo zikahulumeni eziphuthumayo zokuthi kutholwe amandla kagesi kodwa kudinga kulekelelwe.
“Simqokile ungqongqoshe kagesi, yebo kodwa sisazama ukuthenga omunye ugesi ozosilekelela ngokushesha. Siyafisa ukukhuthaza abezinkampani ezizimele ukuthi basondele bafake isandla,’’ kuchaza uMashatile.
Uthe uyethembisa ukuthi maduze nje, udaba lukagesi luzobe selulungile ngoba bayawuqonda umthelela omubi odalwa wukucishwa kukagesi.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, usanda kushiya abantu bakuleli benetwetwe ememezela ukuthi kuzocishwa ugesi nya ezweni, kube mnyama kungasebenzi lutho. Abe-Eskom bakuchitile lokhu bathi benza konke okusemandleni ukugcina ugesi ukhanya.