KHETHA SANGWENI
IPHINI likaMengameli wakuleli, uMnuz Paul Mashatile, lithi wubugovu nothando lwemali okuyimbangela yokubulawa kwamakhansela aqothwa ngenhlamvu ikakhulu KwaZulu- Natal. UMashatile usho lokhu ephendula imibuzo yamalungu ePhalamende.
Ilungu leNFP ePhalamende, uMnuz Shaik Emam, libuze ukuthi likhona yini iqhinga lokusombulula impicabadala yokubulawa kwamakhansela. UMashatile uthe uhulumeni uyazi ngale nkinga futhi wenza konke okusemandleni ukuyisombulula.
Uthe into eseqhulwini wubugovu nokuphelelwa wunembeza okudla lubi kubantu.
“Abantu kufanele baqhutshwe wuthando lokusebenzela umphakathi uma bengena ezikhundleni hhayi ukubeka imali phambili. Kufanele sibhekane nendaba kasathane odalwa yimali bese sivuselela onembeza kubantu. Yebo, siyayidinga imali, namaqembu ayayiyidinga kodwa hhayi ukuthi sesingaze sibulalane ngenxa yayo,’’ kusho uMashatile.
UMashatile uthe ihhovisi lakhe linezinhlelo zokuvuselela unembeza kubantu. Uthe okunye okukhathazayo wukungasebenzi kahle komasipala wathi kudingeka besekwe wuhulumeni kazwelonke.
“Omasipala kufanele sibeseke singabadedeli nje sithi abazibonele ngoba abanye abanayo nendlela yokwenza imali. Kufanele sizame ukufaka abantu abafanele ezikhundleni hhayi noma ngubani nje. I-ANC manje isiqala ihlole ikhono lomuntu uma ezojutshwa abe yimeya. Uma kuwmasipala omkhulu, kuba wumengameli ozibambela yena ahlole ikhono,’’ kusho uMashatile.