UNGQONGQOSHE wezokuMbiwa phansi, uMnuz Gwede Mantashe, uthe i-ANC izoqhubeka nokujuba abanamandla ezikhundleni eziphezulu kuhulumeni kanjalo nakwezinye izinhlaka.
UMantashe ongusihlalo we-ANC kuzwelonke, uvikele uhlelo lwe-ANC lokujuba ezikhundleni eziphezulu abaqondisi jikelele kuhulumeni, komasipala kanjalo nasezinkampanini zikahulumeni.
Uqinisekise ukuthi bazosihlonipha isinqumo senkantolo yoMthethosisekelo, sokuthi banike i-DA umqingo nohlu lwe-ANC lokujuba abantu bafakwe ezikhundleni eziphezulu.
I-DA yaya enkantolo ifuna ukuthi i-ANC ikhiphe lolu hlu kusuka ngo-2013.
UMantashe ekhuluma ePhalamende eKapa izolo, ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano ngenkulumo kamengameli Cyril Ramaphosa ayethule ngeledlule ayeyibhekise esizweni, uthe noma i-DA ingaya ezinkantolo kodwa ngeke bayeke ukujuba abantu abanamava ezikhundleni eziphezulu.
“Ngaphambi kokuba i-ANC ingene emandleni ngo-1994, bonke abaqondisi jikelele beminyango kwakungabantu abamhlophe kubalwa nezimeya, amajaji nabantu abasezikhundleni eziphezulu. I-ANC yashintsha izinto kanti sisazoqhubeka nokubajuba abantu abanamava ezikhundleni.”
Le nkantolo inike i-ANC izinsuku ezinhlanu ukuthi inike i-DA lolu luhlu kanti ngalesi sikhathi uRamaphosa wayengusihlalo wekomiti likaKhongolose, elalibhekele ukujuba abantu ezikhundleni eziphezulu.
UMantashe uthe akukho okubi ngohlelo lokujuba abantu ezikhundleni ngoba namanye amaqembu ayakwenza.
I-DA yasola i-ANC ngokujuba abantu bayo ezikhundleni eziphezulu ekubeni bengenawo amava okuphatha.
Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen ekhuluma ePhalamende izolo, uthe ukuvunwa kwabo yinkantolo kuveza khona ukuthi bazoyihlula i-ANC baphinde batakule nezwe.
“Silindele i-ANC ukuthi izohlonipha isinqumo senkantolo isinike le miqingo ukuze siveze izimfihlo zokuthi uRamaphosa wayewajuba kanjani amaqabane angenazo izimfanelo. Uma i-ANC ihluleka ukuhambisana nomyalelo, ngeke sinanaze ukubopha abaholi bayo babhadle ejele,” kusho uSteenhuisen.
Umholi we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, ukhale ngokuthi izinkumbi zezitshudeni ezixhaswe yiNSFAS zibhuquza emakhaya azisebenzi.
Uthe i-ANC ivala ibhange iThala wathi uRamaphosa ubeka phambili inhlangano kunezwe.
Ubalule ukuthi sebekulungele ukuthatha izintambo kuhulumeni ngoba i-ANC ihlulekile.
URamaphosa uzophendula kusasa ePhalamende.