USEZAME ukuzibulala amadlandla amaningi owesifazane ohlambalazwe enkundleni yezokuxhumana iFacebook, kuthiwa uzimoshele ngoba esebukhile esendaweni yobumnandi eMangangeni, KwaSwayimani.
Yingakho umndeni kaNksz Snqobile Chonco ufuna ajeze umzala wakhe, uNksz Nonjabulo Ngcobo okuthiwa nguyena oqale ukubhala kwiFacebook ethi uNksz Chonco uzitike ngewayini elibizwa ngeRain Dance, ejoyintini lasendaweni maqede wazimoshela.
Isolezwe NgoMgqibelo liwubonile umbhalo okuthiwa ubhalwe nguNksz Ngcobo. Kulowo mbhalo kebe sekungenelela namanye amalungu omphakathi, ashiya angalazi ngoNksz Chonco.
Indlela aphatheke kabi ngayo uNksz Chonco, uze waphoqeleka ukuba athuthe ngakubo ayobhaca kwenye indawo ngenxa yokuthi usephenduke inhlekisa endaweni. Nakuba kunjalo uNksz Chonco uthe uNksz Ngcobo uqhubekile nokuhlambalaza kwiFacebook.
UNksz Chonco ube esenikela eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu, lapho ecele incwadi evimbela uNksz Ngcobo ukuba ayeke ukubukisa ngaye emphakathini. Emaphepheni asenkantolo uNksz Chonco uthe uNksz Ngcobo uqhubeke wathi kufanele azibulale ngaleli hlazo azifaka kulo.
"Ngomhlaka-28 Septhemba, 2022 wangibhala ezinkundleni zokuxhumana, wathi angizibulale." Uthe ufuna inkantolo imnqande futhi ahlukane nokulokhu emhlukumeza. Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi okuqhatha uNksz Chonco noNksz Ngcobo ukuthi uNksz Chonco ubanga indoda nentombazane ezwana noNksz Ngcobo. "Yingakho-ke uNonjabulo ehlukumeza uSnqobile. Ungena into angahlangene nayo," kusho umthombo osondelene nalaba.
Isolezwe NgoMgqibelo liyibonile incwadi ebizela uNksz Ngcobo enkantolo ngoLwesibili, ukuba azoziphendulela ukuthi kungani kungafanele inkantolo inikeze uNksz Chonco isivimbelo senkantolo.
Ethintwa uNksz Ngcobo uqale wangena ezintangeni waphika ukuthi uyalwazi udaba. Exinwa ngemibuzo uvele wathi akuyena yedwa owabhala kuFacebook ngoNksz Chonco. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNksz Chonco ayiphumelelanga kodwa udadewabo, uNksz Thando Mhlongo, uvumile ukuthi uyalwazi udaba futhi uNksz Chonco uqanjelwa amanga ngoba wayengekho eshibhini ngosuku okuthiwa wazikakela ngalo.