BAZOGQUNYWA esitokisini umama kaJoshlin Smith osekuphele amasonto amathathu alahleka, isoka lakhe nomngani wakhe.
URacquel Chantel Smith nesoka lakhe uJacques Rowhan Appolis kanye nomngani weSteveno Van Rhyn babuyele enkantolo yeMantshi eVredenburg lapho bekulindeleke khona ukuthi bcele khona ibheyili.
Laba bobathathu baveze ukuthi abaqhubeki nemizamo yokuthola ibheyili.
FUNDA NGALOLU DABA: Unina wentombazane nesoka kwelokunyamalala kwengane
Umsolwa wesine uPhumza Sigaqa udedelwe yinkantolo ngemuva kokuthi uMbuso uveze ukuthi ukuqhubeka kophenyo kuveze ukuthi abukho ubufakazi obanele ukuthi kungaqhutshekwa naye.
Ngemuva kokuthi abasolwa bashalazele ibheyili, uMbuso ucele ukuba icala lihlehle njengoba abaphenyi becala besaqhubeka nomsebenzi.
“Kusadingeka ukuthi abaphenyi baqhubeke nokuthatha izitatimende zofakazi kuhlaziywe nolwazi oluthathwe kumaselula abasolwa,” kusho u okhulumela iNPA.
Abasolwa abathathu babhekene namacala okushushumbisa umuntu ngenhloso yokumdayisa nokuthumba.
UMbuso uthe kungahle kwengezwe amanye amacala njengoba uphenyo lusaqhubeka.
icala lihlehliselwe umhla ka 13 Meyi nonyaka.