Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthe bangasebenzisana ne-ANC kuhulumeni wokubambisana ngoba le nhlangano ngeke isakhula ngokwezibalo
UMalema uthe uKhongolose uzoqhubeka nokwehla njengoba njalo uma kunokhetho le nhlangano yehlelwa wukweseka.
“I-ANC esingasebenzisana nayo kuhulumeni wokubambisana ngoba njengoba yehlelwa wukwesekwa, ngeke abaholi bayo bazikhukhumeze. Iqembu esizosebenza nalo sifuna libuyise umhlaba, kuvulwe imitholampilo ubusuku nemini kuphinde kuhlinzekwe ngamaqakelo mahhala,” kusho uMalema ekhuluma nabezindaba ekomkhulu lemiphumela yezokhetho eMidrand ngoMgqibelo.
Uthe bayajabula ukuthi i-ANC ichuthwe amaphiko wathi ngisho ezinkundleni zokuxhumana abaholi bayo bathule du.
Uveze ukuthi sebebonile ukuthi abantu abebebaseka KwaZulu-Natal, bekungabantu bomholi weqembu Umkhonto weSizwe, uMnuz Jacob Zuma.
“Siyajabula ngoba sesiyazi ukuthi sesekwa ngobani eKZN. Bekungebona abantu bethu laba abebeseseka kodwa abantu abaduba i-ANC emuva kokususa uZuma. Kwakumele sibone ngesikhathi kuboshwa uZuma izibhelu ezasuka eKZN ukuthi lo muntu kukhona abamesekayo,” kusho uMalema.
Uthe bazimisele ukusebenza neMK nasezifundazweni.
Uchithe ukuthi i-EFF iyashabalala njengoba ilokhu yehlelwa wukwesekwa.
“Ayifi i-EFF, ukuvumbuka kweMK ikhona okusiphuce amavoti. Iqembu elilahlekelwe kakhulu kulolu khetho yi-ANC, i-EFF iwinile. Siyakwamukela ukushawa.”
Uveze ukuthi bayayamukela imiphumela yokhetho.
“Asinamengameli kumanje okhona ezweni. Kwalo okhona manje akanaso isiqinisekiso ukuthi uzoba ngumengameli. Ngeke sifonele muntu thina, abasifunayo bazosishayela bona ucingo ukuze sixoxe.”
UMalema uthe izembe lizogawula kulabo abavilaphile bangasebenza ngesikhathi sokhetho.
“Sizolishintsha uhlu lwabaya ePhalamende nabaya eziShayamthetho ngoba kukhona abangenzanga lutho. Bazozihoxela bona ngoba ongasebenzanga akayi ePhalamende.”