UMHOLI WE-EFF, uMnuz Julius Malema, ulufake kubameli udaba lwencwadi ebhalwe yintatheli, uJacques Pauw, akhala ngokuthi iyamhlambalaza futhi okubhalwe kuyo amanga aluhlaza.
Incwadi esihloko sithi Our Poisoned Land ishicilelwe abeNB Publishers kanti kuthiwa yeneka amahlazo kaMalema, Mnuz Floyd Shivambu noDkt Mbuyiseni Ndlozi.
Kuthiwa incwadi ikhuluma ngobudlelwano babaholi be-EFF noMnuz Adriano Mazzotti owaduma ngokushushumbisa ugwayi. UMazzotti waba sematheni kuvela ukuthi wasiza i-EFF ngemali ngesikhathi isungulwa futhi nabaholi bayo bakuvuma lokho bathi babedinga usizo ngaleso sikhathi.
UMalema uyalele abameli bakhe ukuthi bathumelele abashicileli incwadi evuthayo ebayalela ukuba bayihoxise le ncwadi bese bexolisa kulaba baholi ababalwa kuyona.
UPauw nabashicileli bathi abayingeni indaba yokuhoxisa incwadi, zingalima ziye etsheni, bamile kwabakubhale kuyona. Abashicileli bathi ulwazi olusencwadini lutholakale ngendlela esemthethweni njengoba belandele yonke imigudu.
UPauw akaqali ukuba sematheni ngencwadi eneka osopolitiki njengoba wake wabhala incwadi esihloko sithi The President’s Keepers eyayigadla kuMnuz Jacob Zuma esengumengameli.