KUBEKA engcupheni umnotho wezwe, uzinzo nenhlalakahle yomphakathi ukuba nesibalo esiphezulu sentsha engasebenzi eNingizimu Afrika.
Lokhu kudalulwe umengameli we-EFF, uMnuz Julius Malema, ngesikhathi enxenxa abantu ukuthi babhalisele ukuvota eThekwini ngempelasonto.
UMalema uthe uma benqoba ukhetho bazoqinisekisa wonke umsebenzi une-medical aid, i-pension fund, ahole umholo ofanele futhi abe nomhlaba nendlu.
Uyihleke usulu imibiko athe isatshalaliswa izimbangi yokuthi i-EFF izokuqeda ukuholwa kwezimpesheni nesibonelelo sikaR350 sabangasebenzi..
“Amampunge lawo, ngeke siwuqede uR350 kodwa ukuhola komuntu kuzohambisana nokufunda kwakhe,” kusho uMalema.
UMalema uthe bethula akubize ngeGraduation Fund, okuyimali ezoholwa ngabantu abahlezi emakhaya neziqu.
Uqhube wathi uma ungenawo u-matric uzohola uR350, uma uno-matric uhole uR2 000, uma uneziqu uhole uR5 000, uma uneziqu i-Honours uholelwe uR6 000.
Udalule ukuthi abantu abafundile kodwa abangayitholi imisebenzi ngeke bahole imali elingana neyabantu abangafundile.
“Kumele ukuholele ukuthi waya esikoleni wayofunda. Uma uhulumeni engakunikezi umsebenzi kumele akunike imali. Uhulumeni usitshela ukuthi iya esikoleni, uma usuqedile awukho umsebenzi,” kusho uMalema.
Uthe uma ingane iya esikoleni, yafunda yaqeda kodwa ingawutholi umsebenzi, izoholelwa.
UMalema uthe yingakho esikhathini samanje kunentsha engafuni ukuyofunda evele ikubuze ukuthi uma isifunde yaqeda kuzokwenzekani ngoba imisebenzi ayibonwa.
“Usuke umbulala umuntu uma uthi akayofunda bese ebuya eduva ekhaya engasebenzi noma angene ebhizinisini. Njalo uma ebuka iziqu zakhe ufikelwa ubuhlungu. Sifuna uhulumeni onakekelayo, olwa nobubha,” kusho uMalema.
Uthe isibonelelo sikahulumeni asinikeza izingane kumele siphindwe kabili futhi zihlinzekwe umfaniswano wesikole nezicathulo mahhala.