NGOLWESIBILI esiphuma kulo, sithe sesiyozisonga ngogampokwe bethu kusihlwa eMaMbatheni, ngelamela uMrs M esethanda ukuba lusicana. Ngike ngathi ukuziba ngithi hleze uzobhoboka ngoba indalo yakhe uyincwadi evuliwe, akanalo ikhono lokuqumbelana isikhathi eside engabhobokanga ngomsuka wochuku.
Kwahamba ngagcina ngicoshile ukuthi akukhona ngoba kunolaka kuye. Futhi besingahilene ngalutho kodwa umoya wakhe ubuthikamezwe ukuhabula ezithi ukaputeni waMaBhokobhoko, uSiyamthanda Kolisi nomkakhe uRachel, sebephonsa ithawula emshadweni wabo. Sekuvela kamuva ngoba ngideze ngizama ukumkitaza ngamahlayana angayephi, ngizwa amanzi ngobhoko. Nixole nina eningaganiwe, lesi sitayela sokuzwa ukuthi izulu lihlome kangakanani anisazi. Angikho lapho, nokho.
Njengabaningi, ubelokhu ebuzile-ke uMrs M ukuthi engabe yini le engaka esize yafikisa abakwaKolisi kulesi sinqumo esiphoxayo? Ubuza nje vele yingoba useyabona ukuqagela kuthe chithi saka ezinkundleni zokuxhumana, nezinhlekabayeni sezivele ziqalile ukokha ngensini labo saziwayo. Indaba isigcina-ke yenabela ekutheni ngiveze ukuthi empeleni indaba yezehlukaniso le isiphenduke umxhamfela wansuku zaphuma ngesikhathi sendlala enkulu. Bheka nje izibalo ziveza ukuthi iningi lemishado kuleli alifiki eminyakeni eyishumi ingabhidlikanga.
Empeleni abacubunguli besimompilo ezweni bathi ingxenye enkulu yamadivosi yenzeka onyakeni wesishiyagalolunye ngemuva kokugidelwa kwensizwa esigcawini. Kwenzekile-ke ukuthi umfo kaKolisi usemehlweni omhlaba, ngaleyo ndlela uma umshado wabo usuwiswa yimpehlwa ekhona vele kuzoba yindaba egudwini njengoba namanje sibaningi esingakadeli ngoba akukabi khona phakathi kwabehlukene osaphume umgangela wasola omunye ngokuthize. Sisafuna ukwazi ukuthi empeleni yini inkinga?
Akunhloso yami ukubewuza ngale divosi yalezi zingane zakwaKolisi. Engikukho ukuthi ubumayemaye besililo kubantu befuna izizathu nokudideka akunalo iqiniso. Izehlukaniso yinto yemihla ngemihla ezweni lethu. Uma ungaya nje ezinkantolo eziningi bangakuzekela ngezibalo ababhekana nazo njalo, ikakhulu lapho sekusuka umbango wokuthi ifa lehlukaniswa kanjani nezingane zibhekelwa ngani.
Ukuzama kwethu ukupequlula amabibi alo mdlali webhola lombhoxo nomkakhe ubumbulu obusezingeni le-Phd ngoba cishe igceke negceke lapha eNingizimu Afrika linolwalo utwayi lwasemshadweni olunwaywe kwaze kwaphela ngomshado. Uma kungakaze kwenzeke kwelakho igceke, kukhona owegazi lakho owadlula noma obhekene nalesi simo.
Yingakho ngithi ukumbuluza kithi bantu sivukwe yisipoliyane nxa umhlikwe lo wakwaKolisi nowakwakhe sebevuba umbhantshi oyisimuncwana sezinkulungwane zemindeni lapha emnyango. Zolo lokhu, kade sibabaza abanye engingabala kubo osaziwayo abafana noMinnie Dlamini noQuinton Jones kanye no-DJ wodumo uBlack Coffee no-Enhle Mbali Mlotshwa, nabanye.
Angikho-ke ukuzovikela laba abamemezele ukuthi bayahlukanisa. Ngiphawula ngeso lokuthi hleze kukhona ukuhlehla okumele kwenzeke ukufika emnyombweni yokuthi kungani sekunzima kangaka ukuba imindeni ihlalelane, yakhe futhi ikhulise izingane esimweni somndeni ophelele? Ngiyazi baningi abazogijimela ekutheni "isintu sithi".
Imishado ayiseminingi vele kodwa nayo egcina yenzeka iphelela kuyo impehlwa yezehlukaniso. Mhlawumbe esinye isizathu ukuthi kwasona isakhiwo somndeni namakhaya kasisancike ndawo, kwabaningi isigcawana nje sikacabhayiyane.
Okudidayo ukuthi sibabaza sonke nxa kuchitheka umuzi womuntu kodwa futhi iningi lethi imizi ichitheka phambi kwethu. Okwani lokhu kufarisa okungaka esikhundleni sokuthi kudingidwe izindlela ezisilahlekele zezidingo zesakhiwo sekhaya nomndeni?
Ngisekuso njalo isihloko sokuba umhlambi kazelusile kwethu bantu, engasiqala emavikini edlule. Umsuka walesi simo ukuphi? Lokhu sikubona ngisho kuzo iziphathimandla ezishaya imithetho ziphinde ziyephula zona kuqala. Uma nje sizophendula amahlaya zonke lezi zintingo zokufulela amakhaya nemindeni eziphuka kusakhiwa, busebukhulu ubunzima obuzayo.
Ngithini-ke? Undabuzekwayo wedivosi kaKolisi iyisibuko sokwenzeka empilweni yanamuhla. Ayidalwanga ukuhlobonga komunye phakathi kwabo, njengoba kulokhu kuqageliwe. Ukuhlobonga kudala kabi kunesizukulwane samanje. Yilo mbhantshi omuncu kithi sonke. Isibungu esibhokile siphehle ingxabo yobuntu, saphehla isiqu, sabolisa amagatsha, manje sekuwa amaqabunga, nezithelo zibola zisemthubi.