UFUNA ukuyibona ikhalelwa amasongo kaSigonyela iMeya kaMasipala Inkosi Langalibalele, eMtshezi, owesifazane ophila nokukhubazeka oyisola ngokumbhubhisa ngesibhaxu ngoLwesine.
Elandisa ngesigameko umgilwa, uNksz Zandile Radebe, uthe senzeke emahhovisi e-IFP, umsolwa uMnuz Mduduzi Myeza, ezothatha ama-voters roll njengoba kuvotelwa ubuholi obusha emagatsheni.
Uthe ngesikhathi engena uMyeza, ehamba nePhini lakhe kulo masipala, umsole ngokungawenzi kahle umsebenzi wakhe.
“Ngithe uma ngimbuza ukuthi imuphi umsebenzi athi angiwenzi kahle, wangisola ngokumfaka amagama emlonyeni. Wase engishaya,” kusho uNksz Radebe.
Uthe umqede ngenqwaba yezimpama, ebeziza ngesankahlu.
“Ngize ngawa nasesihlalweni ebengihleli kuso,” kusho uNksz Radebe, othe akekho omlamulele ehlaselwa uMyeza, kulabo ebebekhona.
Lona wesifazane uthe useneminyaka eyisithupha engumabhalane ehhovisi le-IFP kule ndawo, waveza ukuthi ngesikhathi eqashwa, umsolwa wayengakabi nayimeya.
Uthe ngesikhathi umsolwa esengene kwesobumeya, esejwayele ukufika ehhovisi le-IFP, ubekhombisa ukungamuzwa kahle.
“Njalo uma efika ehhovisi, uhlale esebenzisa indluzula kimi. Ubebuye angithuke ngisho nokungithuka. Ukungithuka nje bese kuyisinkwa semihla ngemihla,” kusho uNksz Radebe, othe kulokhu ukhethe ukuyivulela icala imeya ngoba ize yambeka isandla.
Uthe okumkhathazayo ukuthi akasikhumbuli isigigaba angathi samenza waba nyamanambana kumsolwa.
“Ngifisa aboshwe ngoba lokhu kungihlukumeza kwakhe kungidalela ukhwantalala. Sengiyamesaba kakhulu kunakuqala njengoba engishayile nje,” kusho uNksz Radebe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ase-Estcourt aphenya icala lokushaya nelokwehlisa isithunzi kulandela ukuthi owesifazane (40) eshawe ngesandla.
“Umsolwa umuntu amaziyo, umhlasele emsebenzini ngoLwesine. Kuvela nokuthi umsolwa ubuye wamthuka umgilwa,” kusho uNetshiunda.
Ucingo lwemeya belungangeni. Olokhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.