IZINDUNA zamabutho sezithumele isexwayiso esishubile kodume ngokugxibha iSilo uMisuzulu ezinkundleni zokuxhumana, uMnuz Max Makhanya.
Izinduna zamabutho zithe uzokubona okwakhweza ikati emthini uMakhanya uma eqhubeka nokunephuza iSilo ezinkundleni zokuxhumana.
Sekunesikhathi eside uMakhanya ekhwela edilika eSilweni, aze aphimisele elokuthi uZulu awunayo inkosi selokhu kwakhothama iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Muva nje, uMakhanya ungene ezinkundleni zokuxhumana wagxeka isinqumo seSilo sokwehlukanisa nondlunkulu othile nesokugcagcelwa uNdlunkulu uNomzamo Myeni.
“ISilo esinjani esilobola omabezingane zabanye abafana? ISilo esinjani lesi esidivosa izingane zabantu? Thina sazi ukuthi ayikho idivosi.”
UNobhala weziNduna esifundeni iZululand, uMnuz Muzi Nyandeni, uthe uMakhanya uzibizela amabhadi ngale nto ayenzayo, wamyalela ukuba ayiyeke.
“Akayiyeke le nto ayenzayo. Uma yena engayifuni iNgonyama, kulungile akazihlalele kubo, adle uphuthu lwakubo. Uzokuba neshwa uma eqhubeka nale nto. Ubeyini yena, ungubani ukuba azokhuluma izindaba ezingamdingi? Uhlulwa izindaba zakubo, uzogijimela izindaba ezingamdingi. Akakuyeke lokuhlakanipha kwakhe kungaze kuphele.”
UNyandeni uthe nakuba yena neningi labadidiyeli bamabutho bengekho ezinkundleni zokuxhumana, bese bebikeliwe ngodaba lukaMakhanya.
“Ikhona impela imvunge. Ekugcineni le nto iyaye iveze umuntu ukuthi uphuma ekhaya elinjani nokuthi ukhuliswe kanjani. Angazi noma kuyimpoqo yini ukuthi ukuze abantu badume ezinkundleni zokuxhumana kufanele bathuke abanye. Ungathi kukhona isidakamizwa abasidlayo, esibenza baqhulule inhlamba.”
Umdidiyeli wamabutho kaZulu, uMntwana uVanana Zulu, uthe uMakhanya udlalela ezitsheni ezifayo, wathi abafuni ukuqophisana naye kakhulu.
“Asifuni ukukhuluma kakhulu izindaba zabantu abahlanyayo, abakhulunyiswa utshwala. Asifuni ukunaka indaba yabantu abahambe bekhuluma izindaba ezingaphezu kwabo. Njengoba ekhuluma izindaba zasendlunkulu, ezingaphezu kwakhe, kufanele vele akhulume umsangano.
“Thina-ke asikwazi ukuphikisana nalaba bantu. Akukwazi ukuthi uma behlanya, nathi bese siyahlanya. Akukwazi ukuthi uma bedakwa, bese nathi siyadakwa. Okwamanje sisathule nje siyabuka.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMakhanya ayizange iphumelele, akazange awuphendule umyalezo awuthunyelwe ezinkundleni zokuxhumana.