ISEYINSUMANSUMANE eyokukhuphuka kodwendwe lweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini noNdlunkulu uNomzamo Myeni.
Nakuba inkantolo isichithile isicelo sokuba umiswe umgcagco ozokuba ngeSonto, ukuqhubeka kwawo kungase kususe omunye umdonsiswano wasezinkantolo.
Abameli bakaNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu, obefake isicelo sokuthi umiswe umgcagco, bathe uNdlunkulu uKaMayisela angase athathe izinyathelo zomthetho uma zigcine ziwushayile kwiNdlulamithi yamakhosi ngeSonto.
Lokhu bakusho ngesizathu sokuthi iMbube iphike yalala ngomhlane ukuthi izogcagcelwa ngeSonto.
Lokhu ikusho encwadini yasenkantolo efungelwe efundwe abameli bayo ngesikhathi kulalelwe icala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, izolo.
Umgcagco weMbube wamenyezelwa obeyikhulumela osanda kuqheliswa, uMntwana uSimphiwe Zulu, isimemezelo saze safakwa ngisho ekhasini elisemthethweni leMbube elisezinkundleni zokuxhumana.
INdlulamithi yamakhosi ithe ayikaze isho ukuthi izogcagcelwa, yathi ngesikhathi kwenziwa isimemezelo yona yayisemgonqweni njengoba kwakuqhubeka uMkhosi woSelwa.
Lokhu kushayisana nokushiwo iMbube ngeSonto, lapho itshele khona iziko lezindaba eliwuzakwabo weSolezwe, i-IOL, ukuthi umgcagco uzoqhubeka.
IMbube ibisho kanje ngesikhathi ichitha incwadi okuthiwa iyibhalile eveza ukuthi umgcagco uhoxisiwe.
Ummeli kaNdlunkulu uKaMayisela, uMnuz Melusi Xulu weDonda Attorneys, uthe bazoqapha ukuthi luyakhuphuka yini udwendwe ngeSonto.
“Uma uzokhuluma enkantolo ufungile, uthi awuzukushadelwa bese uyashadelwa, kuzokuba nenkinga lapho ngoba lokho kuyokusho ukuthi ukhohlise inkantolo. UNdlunkulu sekuyofanele ukuthi asitshele ukuthi iziphi izinyathelo okuyafanele sizithathe ngoba kuyobe kuphulwe imithetho.”
UXulu uthe umthetho awuvumi ukuthi umuntu oshade umshado omhlophe athathe isithembu.
Kepha ungoti wezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala, uthe alikho icala uma iMbube iqhubeka nomgcagco wayo.
UZikalala uthe into engafaka iMbube enkingeni ukuba ubhaliswe ngokusemthethweni umgcagco wayo.
“Ayikho into eyisivimbelo senkantolo ethi iMbube ayingaqhubeki nemicimbi emibili ehleliwe, inqobo uma kuwukuthi umshado angeke ubhaliswe ngokusemthethweni.”
Inkantolo isichithile isicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela, yathi asiphuthumi.
IJaji uSidwell Mngadi lithe uNdlunkulu uKaMayisela wavuma ukuthi iMbube ithathe isithembu, baze bavumelana ngokuthi kushintshwe umshado wabo omhlophe ube ngowesintu, ukuze iMbube izokwazi ukuthatha abanye ondlunkulu.
“Naze naqala uhlelo lokushintsha umshado wenu kodwa lwabuye lwamiswa. Ngokubuka kwami, lwamiswa ngenxa yokuthi izinto zabuye zangahamba kahle emshadweni njengoba sekufakwe nesicelo sokwehlukanisa.”
UMngadi uthe akazi ukuthi kungani uNdlunkulu uKaMayisela bese efuna ukuvimba iMbube ekutheni ithathe abanye ondlunkulu ekubeni avuma ukuthi iMbube ithathe isithembu.