USUKU lokukhishwa kwemiphumela ka-matric lungolukhulu eNingizimu Afrika, ikakhulu kubazali, emindenini nakubafundi abasuke bekade bebhala izivivinyo onyakeni wemiphumela leyo.
Kuzoba njalo nanamuhla nakusasa njengoba uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ezobe ememezela abafundi abenze kahle kuzwelonke ezivivinyweni zika-2024, bese elandelwa abaphathiswa ezifundazweni kusasa.
Lesi kuba yisikhathi sengcindezi kubafundi abaningi abasuke belindele imiphumela, okudinga nokuthi abeluleki bezengqondo bame ngomumo ukugwema isimo lapho abantwana abangenzanga kahle nalabo abenze kahle kodwa abangazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ukuze baqhubeke imfundo yabo phambili, bathole usizo.
Ongoti sebexwayise kakhulu abazali ukuba basheshe basukumele izingane zabo ngokuthi babe nazo njalo futhi bazeseke ngoba ingcindezi eningi iqhamuka ngakozwakabo abasuke benabo ekilasini, kodwa okuyiyona eyingozi eyokuthi umfundi acabange ukuthi abazali bakhe bazothini.
Ekhuluma ne-IOL, umeluleki wezengqondo uVuyolwethu Tuluma, uthe akukho ukwesekwa okudlula ukuba abazali bengadaleli ingane yabo umthwalo ngokuthi babelesele ngokuthi balindele imiphumela emihle kangakanani.
"Akungabi umzali osekhombisa ukukhathazeka kakhulu ngohlobo lwemiphumela kodwa akazwakalise ukuthi ukhona empilweni yengane noma ngabe kunjani," usho kanje, egcizelela ukuthi umzali kumele aqinisekise njalo ingane ukuthi noma yini eyenzekayo, ayisho ukuthi sekuyisiphetho.
Yiseluleko esimqoka lesi ngalesi sikhathi iningi lisalindele imiphumela - ukuthi u-matric ubalulekile yebo kodwa uyingxenye yempilo yokukhula, hhayi ukunquma ngengomuso konke lomuntu osakhulayo.