BASHAYE into ecokeme abafundi baKwaZulu-Natal, abahlonishwe nguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ngokwenza kahle kwa-matric.
Laba bafundi bachonywe uphaphe legwalagwala ngokuqwaqwada abanye emakhanda.
Emcimbini obuyizolo ebusuku eGoli, laba bafundi bamenyezelwe njengabanye abenze kahle kuzwelonke, kanti nasesifundazweni, baphumelele ngamalengiso.
Omunye wabo uFanelesibonge Ngema obefunda eVukile High KwaMaphumulo, uphakamise igama lalesi sikole esisemakhaya.
Ukhulele eNqobeni khona KwaMaphumulo, kanti ubesizwa wukungalali njengoba enze kahle.
Ulandise Isolezwe ukuthi ubebuya esikoleni enze imisebenzi yasekhaya, ngaphambi kokulala amahora amabili kuya kwamathathu bese evuka, ushe umshikashika wokufunda.
“Bengize ngibanxuse ekhaya ukuthi bangivuse uma sengilale amahora amabili kuya kwamathathu. Bengivuka ngabo-10, ushe umsebenzi ngize ngilale ngabo-2 ezintatha ngoba bekudingeka ngiphinde ngilale ngivuke ngo-5 ekuseni, ngilungiselele ukuya esikoleni.”
Uthe usizwe nawukufunda esebenzisa ezinye izinkundla ezifana neYouTube.
“Lezi zinkundla zingisize kakhulu ezifundweni zami nasekwenzeni kahle. Abafundi ababeke umoya phansi, bazimisele uma sebefunda.”
Uthole o-A abayisishiyagalombili ezifundweni zakhe abezenza okuyisiZulu, English, Life Orientation (LO), Life Sciences, Accounting, Maths, Geography ne-Physical Science.
Ufuna ukwenza iziqu zobudokotela eNyuvesi yaseKapa.
Omunye wabafundi ophase ngamalengiso u-Owethu Aphile Shangase waseManguzi, obefunda eJohn Wesley Kosi Bay Private, lapho aphinda khona u-Grade R ekubeni awufunda eGadokuwayo Primary ngo-2013, uthe ukuzimisela nokuhlale ephokophele okukhulu yikhona okumenze wenza kahle.
U-Owethu uhlale ezitapela izitifiketi nezindondo kusuka kwa-Grade 3.
Uhlale ezigijimela ku-90% ezifundweni zakhe kanti uthanda kakhulu i-Maths.
Ngisho nakwi-sekethe afunda ngaphansi kwayo, uke wadla umhlanganiso emqhudelwaneni we-Maths.
Ekhuluma neSolezwe njengoba ehlonishwe nguNksz Gwarube, uthe ukufaka umfutho kwi-Maths kuthele izithelo.
“Besifunda sibe ngamaqoqo okungisize kakhulu ezifundweni zami. Bengisebenzisa namaphepha amadala abhalwa kwa-matric ngiwaphendule. Bengiwabhala kube sengathi ngibhala izivivinyo bese ngizimakela, bengingafundi umbuzo bese ngibuka izimpendulo,” kusho u-Owethu.
Uthe nethimba abefunda nalo bebefonelana ngisho ebusuku uma kukhona abangakuboni kahle esifundweni esithile.
Ubonge kakhulu abazali bakhe ngokumeseka njengoba enze kahle.
Uthole o-A abayisishiyagalombili ezifundweni iLO, isiZulu, English, Tourism, Accounting, Life Sciences, Physical Science neMaths.
Uhlela ukwenza iziqu ze-Actuarial Science eNyuvesi yaseKapa.
“Ngisalinde imifundaze phezu kokuba i-NSFAS isingiphendulile. Ngibonga umama nobaba, umama uyazama phezu kokuba bebaningi ababhekile.”