NAKUBA beliyidliva kungahambeki, kugcwele nodaka kodwa lokho akubathenanga amandla abazalwane basebandleni lamaNazaretha kwaShembe. Baphikelelile njengoba amabombo abelibangise entabeni engcwele, eKhenana.
Lolu hambo luqale ngomgqibelo ngoJanuwari-5, phakathi kwamabili ebusuku. Ngokusho kukaThokozani Mncwabe, okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, abalelwa ku-3 000 amalungu ebandla asuke eyingxenye yohambo oluya entabeni engcwele olungamakhilomitha alinganiselwa ku-80.
UMnuz Sizwe Ngidi oyingxenye yohambo, ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto, uthe ukuya entabeni kuyinto ayithokozela kakhulu.
"Ukukhathala awukuzwa ngoba usuke uhamba noNkulunkulu. Noma ukhathala usuke unothando ngoba ngaphakathi usuke uhamba nabantu basekhaya abangasekho okuyibo abakunika amandla," kuchaza uNgidi.
Uthe emkhulekweni wakhe awenzayo njengoba esentabeni wukucela izibusiso.
"Njengoba unyaka usuke usamude ngisuke ngicela ukuthi unyaka uhambe kahle futhi ngikhulekele ukuthi izinto ebezingihlupha nyakenye, zingangihluphi kulo nyaka," usho kanje.
Omunye obeyingxenye yohambo ongathandanga ukudalulwa uthe bekungokokuqala ngqa ehamba aze afike eKhenana.
"Kona kuyibanga elide futhi nesimo sezulu besisibi, imvula inetha kakhulu okuyinto enhle. Bekunzima kunodaka, kushibilika futhi bengihamba nabantu abadala obekumele ngilokhu ngibalekelela endaweni eshibilikayo," usho kanje egcizelela ukuthi ukuba sesontweni kuhlale kumnandi.
"Lezi zinsuku ezintathu esizihamba phansi ukhohlwa iyona yonke into yasemhlabeni. Nokukhathala sikuzwa sesisemakhaya."
Uthe noma esheshe wabuya ngenxa yokuthi uyafunda eLangeni College, eQadi Campus, lapho enza izifundo ze-Office Administration, umkhuleko wakhe ukuthi lo nyaka ubengcono kuneminye ngoba kunzima emhlabeni. Uthe ukhulekele umndeni wakhe, izihlobo nabangani ukuthi baphethe unyaka besaphelele.
Okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe njengoba besuke behamba beya entabeni kukhona izeluleko inkosi ebanika zona.
"INkosi uNyazi iyasiluleka izinsuku zonke ukuthi njengamadoda kumele siphathe kahle abantu besifazane, kanjalo nabesifazane bayalulekwa. Kubalulekile ukuthi izinhlangothi zombili ukuthi zilulekwe. Siyafisa ukuthi lokhu kululekwa esikwenzayo eNazaretha, uhulumeni abone ukuthi iNkosi uNyazi lidlala indima enkulu ezweni," kusho uMncwabe.
Uthe ukuba khona kwezinye izinhlanga entabeni engcwele kufezekisa isiphrofetho sikaBhombela. Usho kanje njengoba bekukhona uMntwana Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu, ongumdabu waseNdiya.
"Waze waqamba isihlabelelo samaNazaretha esithi: Zonke izizwe zimenyiwe ekuphakameni, nathi masizamukele ngezinhliziyo ezimhlophe," ubeke kanje.