IQALE phansi impi yamazwi phakathi kwabaculi ababegidela uMgqumeni “Idlamanzi” Khumalo, okunguKhangelani “DSD” Mhlongo woSaziwayo noNelisani “Jezekhulu” Mseleku waBafana BakaMgqumeni/ Ofishabakhulu.
Umsindo phakathi kwalaba baculi uvuswe ukuhlambuluka komunye umculi kamaskandi, uNavigator Gcwensa kwi-Perfect TV, lapho ethe khona wayeqamba amanga ngayekusho ngoJezekhulu.
Kuzokhunjulwa ukuthi lezi zinsizwa zike zagadlana eminyakeni eyedlule ngezingoma ngenxa yombango wamaqembu kaMgqumeni, okwaqala emuva kokudlula emhlabeni kwakhe (uMgqumeni) ngo-2009.
UJezekhulu uthe le nkulumo ithunuke isilonda esisabhibha kubo ngoba kunjenje umuntu owaqala ukungcolisa igama labo ngamanga nguDSD.
Uthe uyafisa isizwe sonke sazi ukuthi izinto eziningi ziyakhandwa ukuze kuhudulelwe igama laBafana bakaMgqumeni, libulawe lingcoliswe ngaphandle kwecala.
“Nomuntu ongasazi nokusazi umuzwe eseqhamuka nezinkulumo zakhe. Bakholwe abantu, basithuke size sivalelwe emcimbini. Akekho umculi othwele kanzima njengathi. Kuyoba kuhle uKhangelani Mhlongo aphumele obala ngamanga akhe naye ngoba uyena owafaka lesi sihlava. Ayikho impunga yehlathi. Lezi zinyembezi esizikhala ubusuku nemini kaziweli phansi.”
UJezekhulu uthe abazi bamdlelani futhi uma kuyibo abamona nabo bayocela ukujeziswa.
“Kazi sasenzeni kuwe. Uma kuyithi esakona siyojeziswa nathi.”
Eziphendulela uDSD uthe kuyamxaka osekushiwo nguJezekhulu ngoba nabo bebegadla. Uthe banezingoma ebebebewuza kuzo bengcolisa igama lakhe, ngakho uma igama labo alingcolisa ngengoma nabo abaligeze ngengoma.
U-DSD ubuye wakhumbuza Abafana BakaMgqumeni ukuthi banohlelo lwethelevishini olusakazwa kuMzansi Magic, olubizwa nge-Kings of Maskandi, ngakho kufanele bavezele abantu ubunjalo babo, “okuhlukile uma mina nginamanga.”
Uthe Abafana BaMgqumeni abahlukane naye kodwa banikeze izingane zikaMgqumeni amaqembu kayise ngoba sezikhulile.
UJezekhulu uthe noma engakhuluma athini ngabo uDSD, kodwa uyabazi ubunyoka abenza kubo futhi unembeza uyomudla aze abe yingcube.
Lezi zinsizwa zake zaba ngamathe nolimu emuva kokushona kukaMgqumeni futhi zicula ndawonye eqenjini lakhe, Amagcokama. Zakhipha ama-albhamu amabili , Uhlal’ekhweni (2010) nethi I-Overload (2011) maqede zaphenduka inkukhu nempaka.
U-DSD wasungula oSaziwayo esehamba noJaiva Zimnike, kwathi uJezekhulu wabuya esehambisana nomnewabo, naye ongumzala kaMgqumeni, uSakhiseni “Skhevane” Mseleku, sebezibiza ngaBafana BakaMgqumeni.
Laba abagcinanga ngokubanga amaqembu kodwa bagcine sebebanga nengane kaMgqumeni, uLusanda Khumalo osaziwayo ngeleBhova Elincane.
Sekungumlando ukuthi uLusanda wagcina esesebenza namaqembu kaJaiva Zimnike.