UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthi amasosha akuleli ajutshwe eDemocratic Republic of Congo (DRC) avika ucelemba ngezandla.
Ukusho lokhu ngenkathi kuqhubeka impikiswano ngodaba lwamasosha akuleli ePhalamende ngoMsombuluko.
“Iqiniso ukuthi amasosha ethu alwa nabantu abahlome ngezikhali zesimanje. Amavukela mbuso anolwazi lwezinhloli futhi anezikhali ezisezingeni. Amasosha akuleli awanazo izikhali zesimanje. Ayengakulungele ukubhekana nempi. Akuzange kube khona ukubambisana okuhle namasosha okwamanye amazwe. Akuzange kube nobuholi.”
Amanye amqembu ahlabe ikhwelo lokuba asule esikhundleni uNgqongqoshe wezokuVikela, uNkk Angie Motshekga, nelokuba kusheshiswe uhlelo lokubuyiswa kwezidumbu zamasosha akuleli asale empini ngesikhathi kunempikiswano ngodaba lwempi eqhubeka e-DRC.
Amalungu ePhalamende athe umhlulile umsebenzi uNkk Motshekga, amanye athe ukubambezeleka kokubuyiswa kwezidumbu zamasosha angu-14 asale empini kwandisa usizi emindenini eshonelwe.
Ilungu le-DA uMnuz Chris Hattingh, lithe uNkk Motshekga kufanele asule esikhundleni, lathi uMengameli Cyril Ramaphosa, kufanele amxoshe uma engazehleli yena esikhundleni.
UHattingh uthe amasosha akuleli ajutshwe e-DRC kufanele abuye ngokushesha.
“Sekucacile ukuthi impi ayingangabo. Amasosha aseMalawi avele asehoxile. Nawethu kufanele abuye ngokushesha.”
Amaqembu i-MK, IFP ne-ANC athe ayaphikisana nokuthi amasosha akuleli ahoxiswe e-DRC.
Ilungu le-MK, uMnuz Mzikayise Ntshingila, lithe amasosha akuleli kufanele aqhubeke ayibambe ishisa e-DRC.
UNtshingila uthe into efunakalayo ukuba amasosha anikezwe izikhali ezanele.
Uthe amasosha akuleli ajutshwe e-DRC awakaze abe nenkinga ngesikhathi kusaphethe umholi we-MK, uMnuz Jacob Zuma.
Ilungu le-IFP, iNkosi Russel Nsikayezwe Cebekhulu, lithe ukuhoxa kwamasosha kungadala ukuthi abantu base-DRC babalekele kuleli.
“Sivele sinenkinga yabantu abaningi basemazweni angaphandle ababhace kuleli. Uma amasosha engashiya isimo sinje eDRC, baningi abazofudukela kuleli.”
UNkk Motshekga uthe elakuleli linejoka lokwenza isiqiniseko sokuthi kunokuthula ezwenikazi i-Afrika.
UNkk Motshekga uthe amasosha akuleli aseke ajutshwa emazweni angu-23 ngenxa yakho ukuthi izwe lizimisele ngokugcina ukuthula ezwenikazi, wathi bakhathazekile ngokubambezeleka kokubuyiswa kwezidumbu zamasosha asale empini.
Uthe izidumbu zisahlolwa e-Uganda.
“Besizitshela ukuthi bazoqeda namhlanje kodwa akwangenzeka lokho. Sinethemba lokuthi ngoLwesine bazokuba lapha.”
UNkk Motshekga uthe benza isiqiniseko sokuthi amasosha ajutshwe e-DRC athola ukudla okwanele kanye nokunye akudingayo.