NAMHLANJE ngifuna ukuqhubeka ngikhulume ngento ethinta ilobolo njengangesonto eledlule. Ngithi ake ngisike elijikayo kule nto yelobolo ngoba kwezinye izindawo kubukeka sengathi akusenziwa okufanele. Lokhu engizokusho nami kuwumbono wami nangendlela engibuka ngayo izinto.
Ngifisa sike sibheke le ndaba yelobolo elimba eqolo. Ngiyazi ukuthi umuzi nomuzi unomthetho wakhona kodwa bakwethu akekho ongaboni ukuthi siphila esikhathini lapho isimo somnotho sibheke phansi futhi nezinga lokulotsholwa kwethu thina bantu besifazane lehlile ngoba abantu okufanele engabe bayasilobola abanayo imali. Abasebenzi, imisebenzi ayikho nhlobo.
Manje ngisuswa ile nto yokuthi nenziwa yini ke uma kuqhamuka umuntu okhombisa ukuzimisela ngendodakazi yenu ngokuthi azovela ekhaya alobole ebese nina njengomndeni nilambela kuye? Nenziwa yini ukuthi nidlale ngabakhwenyana, nibabize izizumbulu zemali kwanina eningenayo niphinde nibize nezinto ezimba eqolo?
Umuntu ezibizweni nimfune ngisho i-friji nomshini wokuwasha kwanina into enihlulekayo ukuyithenga. Niyabona kodwa ukuthi yinina eninomthelela ekutheni abantu besilisa bagcine bengasasiloboli ngoba nibiza sakulamba.
Okuhlekisa kakhulu ke ukuthi kuvamise ukuthi kube imindeni edla imbuya ngothi ebizisa kakhulu uma kukhona ozolotsholwa. Angazi noma isuke ithi ibonwa yini. Abanye abantu baze bazisekele ngokuthi "phela indodakazi yethu thina ayisixakile, uma engafuni ukuyilobola akayiyeke".
Manje anisho ke, njengoba nithi ayinixakile nizoyenzani? Nizohlala nayo ingunaphakade, okanye nizoyinika lokho ekungenzeka ikudinge, njengocansi? Phela yize inganixakile kodwa iyadinga ukuba nomuntu wesilisa futhi ke ukugweva kwenu nayo ngeke kunisize ngalutho ngoba into ezokwenzeka izovele ijole izale inqwaba yezingane la ekhaya kobaba abahlukene ebese nina futhi niyaxakeka, nibe nidlala ngomuntu ekhombisa ukuzimisela ngendodakazi yenu.
Namhlanje ngifisa ukukhuza bakwethu, ngiyazi ukuthi imithetho yemizi ayifani kodwa ngicela kesibhekeni nesimo somnotho. Ngeke kusize ukumba eqolo elobolweni ekubeni abathandanayo kusamele bakhe umuzi ndawonye baphinde babhekane nezindleko zempilo. Manje kusho ukuthi nina nifuna ingane yenu iyobulawa indlala njengoba umkhwenyana nimsenga ngisho isenti lokugcina ngci.
Ngifisa sengathi le nto singayibuka ngelinye iso ikakhulukazi thina bantu basemakhaya, sithi ukuxegisa imithetho mayelana nelobolo. Angisho ukuthi asivumele abantu balobole ngesenti kodwa akuxoxwe kahle, wonke umuntu ajabule ngoba kusuke kungaliwa kepha kusuke kwakhiwa ubuhlobo.
Nomkhwenyana akangazisoli ngokuzothatha indodakazi yenu, ngisho enibona anijabulele ngoba uyazi ukuthi namenzela iqiniso futhi nendodakazi yenu uyiphatha kahle ngoba usuke engekho ezikweletini azidala kade elobola. Ngiyazi omunye uzothi ulobolelani uma usazodala izikweleti? Abanye abantu bayafisa ukuganwa futhi abanye kuyabaphoqa ukuze kuvuke imizi yoyise, ngakho ke bagcina beboleka ukuze bagcwalisele ngethemba lokuthi bazokhava.
Elawini likaMagumede sifisa abantu abasuke bezolotsholelwa bangalambeli kumuntu ozolobola kodwa bamcabangele naye.