UMBHALI: Lindokuhle Mathenjwa
ABASHICILELI: Rockhopper Books
KUNZIMA ukuhluza izinjongo nezifiso zomlobi uma ufunda inkondlo ngayinye. Kuyenzeka ngesinye isikhathi inhloso yomlobi ingazwakali enkondlweni ngenxa yokuthi asifani singabantu futhi asinazo izinjongo ezifanayo.
Kunomlobi osemncane osathuka isisinga kwezokucikoza ngezinkondlo, uLindokuhle Mathenjwa. Phakathi kwezihloko azithintayo encwadini ethi 101 Poems about things we should be loud about, okuyiqoqo lakhe lokuqala lezinkondlo, usiphicaphica ngezimo zempilo ezenzeka njalo ebantwini.
Ngithi uyaphicaphica ngenxa yokuthi ukubhalwa kwezinkondlo akuvamisile ukuthi kuqonde kepha kudlaliswa ulimi futhi kusetshenziswa izifengqo ezehlukile, akukhathalekile ukuthi yiliphi ulimi.
Phela umbhali usuke ekhipha ilaka lakhe ngalokhu okumshisayo ngaphakathi okwenza ukuthi athathe usiba aqobele phansi bese ekushiya kuwena mfundi, ukuthi uzihlaziyele futhi uhluze izinhloso, umyalezo nakho konke okwenza inkondlo izwakale.
Okumangazayo ngamagalelo entokazi yakwaMathenjwa, wukuhleleka kwezihloko ezihlukene okubalwa ukunakekelwa kwemvelo, ukulwela amalungelo abantu nokuzithuthukisa uma uyisidalwa esingumuntu.
Olimini alusebenzisayo akukho ukutetema nokufuna ukudatshukelwa kepha ubeka udaba njengoba elubona yena mlobi.
Phela, kuyenzeka ukuthi abalobi babhale ngesihloko esisodwa kepha kumele livele izwi lombhali ngamunye futhi lihluke kwabanye.
Wenza kanjalo uLindokuhke encwadini uma eloba inkondlo ethi The 1%, ekhasini 24 "...our minds have been polluted, to think that we need a crutch, to walk into success because, Hey, success is not a problem, to middle class...“
“But the one percent, that percent is not diverse, So why should we conform? To the idea of a rainbow that is conditional. A rainbow that only appears when it rains,"
Ngeke sibhale into efanayo ngomama bethu. Sithi wayengiteta, engincelisa sengathi lokho kuyivela kancane. Kumele kucace ukuthi kungani ubhala inkondlo ngomama wakho neqhaza elibalulekile futhi elihlukile alenze empilweni yakho. Kubuye kube nesicefe ukufunda indavundavu yezinkondlo ezingenawo umyalezo.
Kumele kube nezimfundiso eziphusile owazithola kumama wakho futhi ezehlukile ezimenza abaluleke kuwena. Kungichazile ukubhala kwentokazi ehlala eTshwane, engaqali ukuloba incwadi ngoba eyokuqala ithi Between the stars.
Ningambheka uLindokuhle kwi-Instagram ethi its.lindokuhle_m nizibonele imisebenzi yakhe yezobuciko.