OBEYILUNGU le-EFF, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, usola umholi weqembu uMkhonto weSizwe, uMnuz Jacob Zuma, ngokushaya abaholi be-EFF ngemfe iphindiwe njengoba leli qembu lalahlekelwa wukwesekwa KwaZulu-Natal, nakwezinye izifundazwe okhethweni lwangonyaka odlule.
UNdlozi owayeyilungu lePhalamende futhi engomunye wabantu ababeyingxenye yokubunjwa kwe-EFF ayeyikhulumela, ukhale ngokuthi badukiswa wubuholi baleli qembu ukuthi bangayigxeki i-MK ngesikhathi kuyiwa okhethweni njengoba “bekunobudlelwano” phakathi kwayo noZuma, ekubeni phambilini babengamfuni.
Engxoxweni edlalwe esiteshini sakwa-SABC izolo ekuseni, uNdlozi uthe akubanga lula ukuthi kugxekwe i-MK, kuthiwe isiyisitha ngemuva kokutheza inqwaba yabaholi kwi-EFF okubalwa nowayeyiphini likamengameli uMnuz Floyd Shivambu, osenguNobhala Jikelele kwi-MK.
“Sashaywa ngomqondo ”ngobudlelwano“ obebubonakala bukhona phakathi kobuholi be-EFF, noZuma. Lokhu bekwenza kubonakale sengathi siyinto eyodwa, singayigxeki i-MK ngesikhathi kubhekwe okhethweni. Lokhu yikhona okwasenza sanatshiswa yi-MK okhethweni eKZN, yasidlula nangezibalo ePhalamende, sehlelwa ukwesekwa eGauteng naseMpumalanga,” kusho uNdlozi.
Usho lokhu nje, ngo-2021 uMalema nobuholi be-EFF baya eNkandla, lapho (uMalema), kwavela izithombe bephunga itiye noZuma, kungathi sekuthelelwene amanzi ngoba ngesikhathi esangumengameli wezwe, i-EFF yayimphazamisa ize ikhishwe ngesidlozane ePhalamende.
UNdlozi oke wasolwa wubuholi be-EFF ngokuthi ungomunye wabantu abazojoyina i-MK, uthe akakaze futhi akasoze aye kuleli qembu ngoba ubheke ukuya emkhakheni wezemfundo, noma ayoba yisishoshovu ezinhlanganweni zomphakathi ezilwela amalungelo.
“Ukuhamba kukaShivambu nowayengusihlalo we-EFF, u-Advocate Dali Mpofu nabanye abaholi, akubonakalanga njengokuthi badayisa umzabalazo ngoba kabayanga emaqenjini abamhlophe. Okunalokho baya kwi-MK esemkhankasweni wokulwela abantu abamnyama, abahluphekayo, abangasebenzi nabamnyama,” kuqhuba uNdlozi.
Emuva kwalezi zivuvaba, uMalema usecula elinye iculo njengoba ethi akayifuni nalapho ihambe khona i-MK.
“Anginalo iqhaza engizolibamba kwipolitiki yamaqembu, ngifisela okuhle kodwa ozakwethu kwi-EFF, anginanxa nabo. Ngiyikhathulile indima yami kwezombusazwe,” usho kanje.
Uveze nokuthi wamiswa kwi-EFF kusele izinyanga eziyisithupha kuyiwe engqungqutheleni ebingoDisemba, lapho kwakhethwa ubuholi obusha.
“Ngangilokhu ngizama ukuthola ukuthi kwenzakalani ngoba ngangimisiwe. Nganquma ukuthi ngime kuyona yonke into ukuze ngigeze igama lami. Bengilokhu ngizama ukuxhumana nabaholi, ngithole nokuthi kwenzakalani kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngatshelwa ukuthi udaba lwami loze lulungiswe emva kwengqungquthela,” kusho uNdlozi, othe sibuhlungu isimo abhekana naso esolwa ngento engamanga.
Uthe umbiko owasetshenziswa ebekwa amacala, wawungamanga futhi akuzange kulandelwe nomthethosisekelo weqembu.
“Ngangazi ngokuhamba kukaShivambu eya kwi-MK, kodwa ngamtshela naye ukuthi kumele atshele ubuholi be-EFF, ngoba kwakungeyona into okwakumele ngiye koyibika mina ngoba ngangingangeni kuyona. Ngokobuholi, kwakumele mina ngihlebe ngokuthi uShivambu uyahamba, yingakho ngaba nyambanambana,” usho kanje.
Ebuzwa ngokuhamba kukaNdlozi, okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Tambo, uthe bayitholile izolo incwadi yokusula kwakhe, bamfisela okuhle lapho eya khona.
Uthe ngeke kube nomehluko ekuhambeni kwakhe kuleli qembu.
Khonamanjalo: UTambo ukhwele wadilika kwinjinga engumnikazi wenkundla i-X, uMnuz Elon Musk ongomunye wabaqondisi eHhovisi likaMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, ngokuthi uthe uMalema kumele abe yisigebengu sokuqala emhlabeni ngezinto azishoyo ngabamhlophe kule nkundla.