KUVELA ukuthi lathungwa ngowayesejele itulo lokubulawa kukathisha wesifazane wasePhikiswayo Primary eNtuzuma A, eThekwini, owahlasela wabulawa ngoJulayi nonyaka, esikoleni phambi kwabafundi.
Lokhu kuvezwe yisitatimende samaphoyisa ebesiqinisekisa ukuboshwa kwabasolwa ababili; oneminyaka ewu-36 nonewu-41 okuthiwa baboshwe ngamaphoyisa ophiko lweProvincial Serious and Violent Crimes ngoLwesine.
UNksz Dudu Khumalo (46) owayesanonyaka efundisa uGrade R kulesi sikole, wadutshulwa wabulawa phakathi egcekeni laso ngabalisa ababili abangaziwa ngoJulayi 29, nonyaka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda edalula izindaba zokuboshwa kwabasolwa, uthe amaphoyisa ahlanganise ubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi umufi wabulawa ngoba engufakazi ecaleni elibandakanya isiboshwa esisejele laseWestville.
“Lesi siboshwa singungqondongqondo ekubulaweni kwalona wesifazane. Kulesi sehlo, kuphinde kube khona abanye ababili, okukhona kubo lo owadubula, kwathi omunye wabamba iqhaza lokukhomba umufi,” kusho uNetshiunda.
Uthe ngoLwesihlanu, emva kokuboshwa kwabasolwa, amaphoyisa athole isibhamu okukholakala ukuthi sasetshenziswa ukudubula endlini yowesilisa okusolwa ukuthi uye owadubula.
“Nejakhethi okuthiwa wayeyigqokile ngosuku lwesigameko, nayo ayitholile amaphoyisaa,” kusho uNetshiunda.
Udalule ukuthi amaphoyisa athole ukuthi lesi sibhamu saphangwa kumnikazi waso owayesibhalise ngokusemthethweni eSherwood, eSydenham, ngo-Ephreli 2023.
“Abasolwa ababili bazovela enkantolo kusasa (esho namuhla) ngecala lokubulala nelokubopha itulo lokubulala,” kubeka uNetshiunda.
Uqhube wathi umsolwa wesithathu, ovele ungaphakathi izikhindini naye uzobekwa amacala ngendlela efanele bese evela naye enkantolo ngesikhathi esifanele.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa abasolwa ababili bagasela kungazelelwe kulesi sikole, bacela ukubona umufi.
Kuthiwa baqonda ngqo kuye, bafike bamdubula, bephindelela ngaphambi kokuthi bakhale amaphepha.
Wathulela endaweni yesigameko, kanti kwathi uma kuvela ukuthi kungenzeka ukuthi ubulawelwe ukuthi ubengufakazi ecaleni elifaka esiboshwa, idokodo lecala lakhe ladluliselwa ophikweni lweProvincial Serious and Violent Crimes.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi kayiphumelelanga.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka, uthe bayakwamukela ukuboshwa kwabasolwa.
"Nakuba ukushona kukaNksz Khumalo kwasihlukumeza, kodwa siyajabula ukuthi ingalo yomthetho izoza nobulungiswa nokuthula kithina, imindeni eyathinteka, ozakwabo nabafundi," kusho uHlomuka.