UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthi isigwebo seminyaka ewu-12 esitholwe wuMdumiseni Khetha Zuma ngecala lezibhelu, asinabo ubulungiswa futhi bazongenelela bamsize. UZuma ngoSepthemba ulahlwe yicala lokugqugquzela udlame kodwa waphuma phambili kwelokushisa inxanxathela yezitolo.
UZuma ugwetshwe iminyaka engu-12 ebhadla ejele yiNkantolo yeMantshi eMgungundlovu, ngecala lokugqugquzela udlame ngesikhathi kutatshwa. Isigwebo sakhe - esithimulisa uMalema - sikhishwe izolo.
Okhulumela abezokushushisa (NPA) KwaZulu- Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe bayasemukela isigwebo futhi sizoba yisifundo kwabanye.
Uthe uZuma ulahlwe yicala lokwephula umthetho wezokuhlangana ngesikhathi egqugquzela abantu ukuthi batape. Uthe uZuma utholwe enamacala okwephula isigatshana 17 no-18 salo mthetho nokungamacala amabili.
Uthe lokhu wakwenza ngokuqopa i-video wayisabalalisa esezitolo eBrookside, eMgungundlovu. Icala lokuqala ugwetshwe iminyaka ewu-10, emibili yayo yalengiswa iminyaka emihlanu ngombandela wokuthi angatholwa enecala elifanayo.
Elesibili uthole iminyaka eyisithupha, emibili yayo uzoyidonsa kanye naleyo yesigwebo sokuqala. Kusho ukuthi uma isihlangene ingu-12 azoyihlala ejele.
UMalema emuva kokuphuma kwesigwebo, ubhale enkundleni yokuxhumana ukuthi akayizwa indaba yesigwebo sikaZuma, bazoba nendlela yokumsiza.
“Ngibona sengathi uMdumiseni Zuma lo abathi waphehla udlame ngo-2021, akamelekanga kahle kwezomthetho. Sengijube usihlalo wethu KwaZulu-Natal ukuthi athole yonke imininingwane ukuze sibone ukuthi singasiza kanjani,’’ kusho uMalema.
USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala, uthe baphezu kwalo udaba njengokusho kukaMalema. UThwala uthe bakholwa wukuthi kube namawala ngesigwebo sikaZuma.
“Kuyacaca ukuthi njengoba uZuma ewumuntu ohlwempu nje ufela lokho. Ziningi kabi izigebengu ezenze amacala anzima ezicanasa ngaphandle. Kwafa inqwaba yabantu abeza ku-36 ePhoenix kodwa ababulali bayacanasa, uZuma akabulalanga muntu,’’ kusho uThwala.
Kugwetshwa uZuma nje, ngoJulayi nonyaka kuphume isigwebo sikaMbuso Moloi owalahlwa yicala lokutapa eWoolworths. UMoloi wagwetshwa iminyaka emithathu eyalengiswa iminyaka emihlanu ngombandela wokuthi angatholakali ecaleni elifanayo.
Owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, yena waphuma phambili ngecala lezibhelu lapho naye ayesolwa khona ngokugqugquzela udlame.