UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uthembisa ukuqeda ububha, ukungasebenzi nokungalingani uma esethathe amandla ombuso ngonyaka ozayo njengoba kuzokuba nokhetho lukazwelonke.
UMalema ubethula inkulumo yosuku emcimbini wokugubha iminyaka elishumi selokhu kwasungulwa leli qembu. Lendumezulu yomcimbi kade ibanjelwe eFNB Stadium, eGoli namhlanje.
Kulo mcimbi bekukhona abantu abadlulile ku-94 000. Bekukhona namaqembu ahlukahlukene abezoseka leli qembu okungabalwa kuwo, iPAC, UDM, BOSA, ATM namanye.
Uthe eqala inkulumo yakhe wabonga wonke amalungu alenhlangano asale ngaphandle ngesikhathi kubongwa wonke umuntu, abantu abafana noNkk Hlengiwe Mkhaliphi, Godrich Gardee, Dali Mpofu nabanye.
Uthe eqala wagibela kwinhlangano ebusayo i-ANC, eyibiza ngamasela, uphinde wayibiza ngababulali ethi yabulala abantu eMarikana.
Uthe bazoqeda ngeLoadshedding uma sebephethe. “Bonke labantu abaqashwe uNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lusufi sizobaxosha ngoba abantu be-ANC labo,” kusho uMalema.
Uphinde wathinta nezinto ezenzeka kwamanye amazwe ase Afrika okungabalwa oKenya, Zimbabwe, DRC namanye ekhala ngokuthi kulezi zixakaxaka ezenzeka kuwona kugcina kufa abantu abamnyama.
Uthe imfundo kumele ivuleleke kuwona wonke umuntu, ibe mahhala.
UMalema uthe buningi ubugebengu obukhona, uma bengena emandleni ombuso bazomxosha uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ngoba uyamhlula umsebenzi. Uthe noma ikanjani uma sebephethe uCyril Ramaphosa bazombopha ngoba okwamanje uzibona engaphezulu komthetho.