UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, usechithe isiphakamiso somholi weqembu Umkhonto weSizwe, uMnuz Jacob Zuma, sokuthi kumele amaqembu amancane ahlangane ngaphansi kwe-MK, ukufukula abamnyama.
UMalema uthe kumele la maqembu ahlangane ngaphansi kweqembu eliholwa yintsha, ngoba umuntu omdala akukho asangakwenzela intsha.
“Kubalulekile ukuthi amaqembu amnyama ahlangane, afukule abantu abamnyama. Kodwa kumele akwenze lokhu ngaphansi kweqembu eliholwa yintsha ngoba abantu abadala abanawo umbono ngokumele kwenzeke ngomuso. Asikwazi ukuholwa abantu abadala abavuka nsuku zonke babe nombono omusha befuna ukuzithola la bemi khona. Iqembu elingakwenza ngempumelelo lokhu yi-EFF,” kusho uMalema.
Ukusho lokhu izolo, ekhuluma emngcwabeni kamama kasihlalo waleli qembu KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Twala, oSizweni.
UMalema uphefumule kanje emva kokuba uZuma enxenxe amaqembu amancane amnyama ngeledlule ukuthi kumele abubambane.
“Amaqembu abamnyama kumele ahlangane ukuze kukhululwe abantu abamnyama. I-MK yisona sisombululo ezweni yingakho kumele sihlangane singamaqembu amnyama sisebenze ukufukula abantu bakithi,” kusho uZuma.
UMalema utshele abebehambele lo mngcwabo ukuthi bankanise kulesi sifundazwe ukuzothola umnyombo wokwehlelwa wukwesekwa okhethweni lwangoMeyi nonyaka.
Ufanise ukufika kwe-MK nesikhonyane esifike sabhincisela nxanye amaqembu ahlukene ikakhulu kulesi sifundazwe.
“Sila ukuzothola ukuthi uZuma wenzeni ukuthola amavoti ethu. Sishaqekile ngokulahlekelwa wukwesekwa okhethweni, i-MK ifike yaba iTsunami. Usishaqisile umntomdala waseNkandla,” kusho uMalema.
Ugxeke uhulumeni wokubambisana kwamaqembu wathi ngelinye ilanga siyovuka izwe lihambile.
“Lo hulumeni akuwona owokubambisana, owe-DA ne-ANC. Ngelinye ilanga siyovuka ingasekho iKZN, ngoba amaBhunu awabufuni ubuholi bomdabu,” kusho uMalema.
Unxuse abefundisi ukuthi bakhululeke i-EFF.
“Izivuvaba zakamuva kwi-EFF azinganithusi kakhulu. Wonke amaqembu ayavivinywa,” kusho uMalema.
Usho kanje kulandela ukulaxazwa kwe-EFF ngobeyiphini likamengameli uMnuz Floyd Shivambu, osenguMgqugquzeli kaZwelonke kwiMK.
Namhlanje leli qembu lizohlanganisa umbiko wezinto ezivele emhlanganweni namagatsha ahlukene esifundazweni ngokwenzeke okhethweni.
Lizobe selikhipha umkhombandlela ngokuzokwenzeka kodwa phambilini uMalema wakuveza ukuthi akekho owayazi ukuthi i-MK izocoboshisa kwasani okhethweni njengoba esiShayamthetho sesifundazwe leli qembu lilahlekelwe yizihlalo eziyisithupha, lisalelwe ezimbili vo.
UNobhala Jikelele, uMnuz Marshall Dlamini, uveze ukuthi lilahlekelwe amavoti acela ku-300 000.