UMHOLI we-Bosa uMmusi Maimane usezehlisile waxolisa kumholi we-Action SA, uMnuz Zwakele Mncwango ngokumbiza ngegama elingelona ekubeni bekade baqala ukuba ndawonye. UMncwango uhluleke nawukuzibamba wangena ezinkundleni zokuxhumana, watshela abantu ukuthi uMaimane umbiza ngoZakhele Mncwango. Lokhu uMaimane ukusho kwiPodcast kaPenuel.
UMncwango uthe lento eyenziwa uMaimane iyamangaza ngoba phela kudala besebenza ndawonye. Ngesikhathi besekwiDA, uMaimane ubephethe kuzwelonke kuthi uMncwango aphathe isifundazwe. Ngaso sonke isikhathi uma evakashele isifundazwe saKwaZulu-Natal uMaimane ubemukelwa wuMncwango, bebephinde bahlangane futhi emihlanganweni yeFederal Executive Council.
“Okubuhlungu kakhulu uyambona uMaimane ukuthi ubezikhululekele kulo luhlelo, ayikho into ebeyingaze idale ukuthi akhohlwe yigama lami,” kusho uMncwango obekuzwakala ukuthi akathokozile neze ngesenzo sikaMaimane.
UMaimane ubhalele uMncwango wathi, “yi typo yenkulumo mfo. Hai Kabi.”
UMaimane ubecacisa ukuthi ayikho inkululeko kwiDA, ube esenza isibonelo ngoMncwango, wavele wathi uZakhele Mncwango ubewumuntu ogcina amasiko kodwa kunalabo ababengahambisani nezinto ayezenza njengokufaka umqhele, bethi azihambisani neDA.
UMncwango uthe ukhululekile kwi-Action SA ngoba bayawahlonipha amasiko abanye abantu, wathi ngeke aphawule ngeDA kodwa ujabule kakhulu eqenjini lakhe elisha.