OWEYENGUNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uthi asikho isinqumo asesithathile ngekusasa lakhe kwezepolitiki.
UMagashule usanda kuxoshwa yi-ANC ngemuva kokumbeka icala lokumisa uMengameli wayo uMnuz Cyril Ramaphosa njengelungu lale nhlangano, okuyinto eyagcina ingenzekanga.
I-ANC ibe isimbekela umnqamulajuqu wokuthi axolise ngesenzo sakhe, kodwa wagcina engakwenzanga lokho. Engxoxweni abe nayo nesiteshi sethelevishini, uthe ubengakobi nesinqumo asithathile ngekusasa lakhe kwipolitiki.
“Ngisazimisele ngokuhlangana nobuholi be-ANC, ngikhulumisane nabo ngalolu daba. Engingeke ngikwenze ukugxeka lenhlangano ngoba iyikhaya lami kanjalo neningi labantu abalwela inkululeko,” kusho uMagashule.
UMagashule uphinde asole usomabhizinisi owaziwayo, uMnuz Johann Rupert ngokuxoshwa kwakhe.
Uthe yena ukhulele kwi-ANC yingakho efuna ukuxoxa nobuholi bale nhlangano. Uveze ukuthi isinqumo ngekusasa lakhe uzosithatha ngemuva kokuhlangana nobuholi be-ANC.
Uphinde wathi akuphelile ngaye kwezepolitiki. “Bakhona abaholi abake baxoshwa yi-ANC kodwa basekhona namanje, engingabala kubo umholi we-EFF uMnuz Julius Malema nowe UDM, uJenene uBantu Holomisa,”kusho uMagashule.
Uthe ubengakobi nezinhlelo zokusungula iqembu lakhe kanti alikho neqembu aselijoyinile. UMagashule uyichithile imibiko yokukhahlela i-EFF.