OBENGUNOBHALA -Jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule uthi uyidlela amathambo engqondo indaba yokuthi avule iqembu elisha lezepolitiki emuva kokucelwa ngabantu abehlukene.
UMagashule ukhulume nabezindaba zeSABC ngaphandle kweNkantolo eNkulu eBloemfontein, lapho abevele khona ngamacala enkohlakalo.
Ubhekene namacala enkohlakalo yethenda yokushintshwa kophahla lwezindlu, asukela ngesikhathi esengundunankulu eFree State kudala.
UMagashule uthe njengoba engabonakali nje, akahleli kodwa wehla wenyuka nezwe lonke uxoxa nabantu.
“Ngiyezwa abantu bethi sekuphelile ngami kanti abazi mina ngiyisilwane kwezepolitiki. Bakhona abantu abangicelile ukuthi ngisungule iqembu kodwa angikasithathi isinqumo, ngisadla amathambo engqondo. Kungenzeka noma yini ngoba uMthethosisekelo uyangigunyaza ukwenza engikuthandayo,’’ kuchaza uMagashule.
Ngesikhathi esesesikhundleni kwi-ANC, kwaphuma incwadi yokuboshwa kwakhe wavela enkantolo wase eyamiswa emsebenzini. Kwaze kwashaya isikhathi sengqungquthela yokukhetha ubuholi engakwazi ukungenela umbango.
UMagashule uthe indlela izinto ezingashintsha ngayo akasakwazi nokuqinisekisa ukuthi uzoyivotela yini i-ANC, ngonyaka ozayo. Uthe ubona sengathi ikusasa liqhakazile kuyena futhi akanavalo akesabi lutho.
Maqondana necala uMagashule usamile ekutheni umsulwa. Uthi kuliwa izimpi zepolitiki ukuze kuqedwe ngaye ngoba kukhona abambona njengomuntu oyinkinga. Uthe ukube wake wavunyelwa ukuya engqungqutheleni ye-ANC angenele umbango wezikhundla, ngabe kukhulunywa enye indaba.
Uthe okumjabulisayo wukuthi usuku lokuqulwa kwecala selunqunyiwe futhi yilapho okuyovela khona amaqiniso wonke aphume phambili. Kuhlelwe ukuthi icala liqulwe ngo-Ephreli 15, kuya kuJuni 23, ngonyaka ozayo.