OWAYENGUNOBHALA Jikelele we-ANC Youth League (ANCYL), uSindiso Magaqa, wakhombisa ukuyexwaya imoto okukholakala ukuthi yayihamba izinkabi ezamdubula.
Kuthiwa uMagaqa waze waphimisa amagama okuthi uma kuwukuthi le moto ihamba izinkabi ezizombulala, kulungile zimbulale.
Lokhu kuvezwe ngowayengumqaphi kaMagaqa, uMnuz Thakabonwa Ngubane, ngesikhathi ethula ubufakazi ecaleni lokubulawa kwalo mholi eliqhubeka eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
UNgubane uveze ukuthi imoto ebomvu, ewuhlobo lweBMW, wayekade eyibonile ngayizolo izulazula ngasemzini kaMagaqa.
Uqhube wathi ngesikhathi ebona le moto izulazula ngasemzini kaMagaqa, waphinde waqaphela amadoda amathathu ayehamba ngezinyawo, nawo ayelokhu ezulazula ngakhona.
Uthe ngosuku okwahlaselwa ngalo uMagaqa nayehamba nabo, uMagaqa wafike wama emva kwale moto ebomvu.
UNgubane uthe uMagaqa wabe esekhombisa ukuyexwaya le moto.
“Wabuza ukuthi obani abakule moto. Ngamtshela ukuthi ngike ngayibona le moto idlula ngasekhaya izolo. Wabe esethi uma kuyizinkabi, kulungile zimdubule.”
Ngaleso sikhathi uMagaqa wayehamba noNksz Nonsikelelo Mafa emotweni, belinde uNkk Jabulile Msiya, bobabili abalimala kulesi sigameko.
UNgubane utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi kufika uNkk Msiya, le moto esolisayo yabe isisuka ihamba.
Uthe emva kwalokho uMagaqa wabe esebathuma ezitolo ukuba bayothenga ukudla kanye nento uNgubane acele ukungayibizi ngegama.
UNgubane uthe akazange abone bungozi ngokushiya uMagaqa engenaye umqaphi.
“Angizange nginake ngoba yindawo esasijwayele ukuma kuyona. Ngoba ngangithunywa nguyena kwakungelula ukuthi nginqabe. Ngokomthetho umuntu omgadayo kufanele umlalele ngaso sonke isikhathi, akufanele umtshele okuthandwa nguwena.”
UNgubane uthe ngesikhathi bebuya ezitolo babe sebethola umbiko wokuthi uMagaqa nabanye sebedutshuliwe.
Uthe uMagaqa waphuthunyiswa esibhedlela esiseMzimkhulu, wadluliselwa eKing Edward ngaphambi kokuba ayiswe eNkosi Albert Luthuli.
UNgubane uthe ngesikhathi uMagaqa elashwa eNkosi Albert Luthuli, waqhubeka nokumgada.
“Ngangihlala khona ubusuku nemini, ngibheka abantu abazomvakashela. Ngangigeza khona esibhedlela. Isikhathi esincane engangisithola, ngangiya kolala emotweni.”
UNgubane uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko wayengakaqedi isikhathi esingakanani eqalile ukugada uMagaqa njengoba ethe waqala ngoMeyi.
Uthe uMagaqa wayemtshelile ukuthi impilo yakhe isengcupheni ngesikhathi emqasha.
“Yize ayengazisho izinto eziningi kodwa washo ukuthi isimo saseMzimkhulu asisihle, wathi udinga ukugadwa.”
Icala lizoqhubeka ngoMsombuluko lapho abameli babamangalelwa bezopheka ngemibuzo uNgubane.