IPHINI likamengameli, uMnuz David Mabuza, wethembise iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ukuthi bazowuvikela umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust Board.
IPHINI likamengameli, uMnuz David Mabuza, wethembise iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ukuthi bazowuvikela umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust Board.
Lesethembiso usenze ngesikhathi eyokotha iSilo esigodlweni kwaKhangelamankengane, izolo.
UMabuza wothe iSilo ngaphambi kokuthi abe nomhlangano nabaholi bomdabu, obekulindeleke ukuthi ube namhlanje eThekwini, lapho kuzodingidwa izinkinga ezibhekene nobuholi bomdabu.
Ikusasa leNgonyama Trust Board alaziwa njengoba umbiko wethimba elalijutshwe yiPhalamende ukuba libheke ukubuyekezwa kwemithetho laphakamisa ukuthi lihlakazwe leli bhodi elengamele umhlaba ongaphansi kwamakhosi.
Umbiko waleli thimba elaliholwa ngowayengumengameli, uMnuz Kgalema Motlanthe, waphothulwa ngo-2017.
UMabuza uthe bazama ukuthola isixazululo odabeni oluthinta umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust.
Uthe udaba lwalo mhlaba luzodingidwa emhlanganweni wekhabhinethi.
“Ngifisa ukukucacisa ukuthi sizoqhubeka nokuvikela umhlaba weSilo, osetshenziswa kakhulu ngabantu abayimisinsi yokuzimilela kule lizwe. Sizoqhubeka nokusebenza ukuze sifeze izinhloso zokukhulisa nokuthuthukisa izindawo ezisemakhaya ngokuthi sibe nezinqubo nezinguquko ezizoqinisekisa ukuthi ubunikazi bomhlaba namalungelo omhlaba bubuyiselwa kubanikazi bawo – okungabantu abahlala ezindaweni ezisemakhaya – ukuze babe ngabanikazi abanegunya futhi abasemthethweni lomhlaba.”
Uhambo lukaMabuza luza nje, kusele amasonto ambalwa kube nomcimbi wokugcotshwa kweSilo ngokukahulumeni.
Kulo mcimbi, ozokuba senkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ekupheleni kwenyanga, umengameli uMnuz Cyril Ramaphosa uzodlulisela ngokusemthethweni isitifiketi seSilo.
UMabuza uthe ujabule ukuthi iSilo siyaqhubeka nokwenza umsebenzi waso.
“Sithanda ukubongela iSilo ngokuthi siyaqhubeka nokwenza imisebenzi yaso yoselwa ngokuzithoba, ngesithunzi nangokuzinikela ukuze kuzuze imiphakathi edla imbuya ngothi engaphansi kweNgonyama.
“Kuyasijabulisa ukubona ukuthi okaNdaba uyaqhubeka nokugubha imikhosi namasiko abalulekile afana noMkhosi woMhlanga owavuselelwa yiSilo esesibuzile, uMdlokombane. Sengathi umoya weSilo uMdlokombane ungaqhubeka ube nathi nawe Hlanga loMhlabathi njengoba siqhubeka nokwakha isizwe.”
Ngesikhathi exoxa nabezindaba emva kokotha iSilo, uMabuza uphinde waphawula nangombango wezikhundla oqhubekayo njengoba kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC.
UMabuza uthe uzowungenela umbango wezikhundla kule ngqungquthela uma igama lakhe liphakanyiswa.
Igatsha lakhe uMabuza lifuna ukuthi angenele umbango wokuba wumengameli we-ANC.
Kepha uMabuza uthe uzongenela owanoma yisiphi isikhundla amagatsha e-ANC afuna ukuthi awungenele.