UVULELE amaphoyisa icala umaskanda ewasola ngokumshaya ngenduku ngeledlule, ngesikhathi ebuya ukuyocula edolobheni laseMthatha, e-Eastern Cape.
Ngokusho kukaMuziwandile ‘Phithiza’ Thusi, odabuka KwaNongoma, ubephuma lapho ebekade ebecula khona ngesikhathi abakwasiDlodlo bemthela isibhaxu.
“Bengibuya ukuyocula edolobheni laseMthatha, Eastern Cape. Ngenxa yokuthi umuntu ubekhathele esuka ukuyocula futhi esazobuyela khona ekuseni, sinqume ukuthi siphumulele egaraji elisedolobheni.
“Sithe sisahlezi, kwaqhamuka imoto yamaphoyisa yama ngasemotweni yethu. Kwehla iphoyisa elilodwa, labuza ukuthi yini engaphansi kwemoto? Ngithe ngisaqalaza ukuthi yini ekhonjwa yiphoyisa, angazi ukuthi yini le abangishaya ngayo. Ngezwa sekuqhuma isibhaxu nje engingasazi, kwavele kwamnyama amehlo. Ngahanjelwa umqondo,” kubalisa uPhithiza.
Eqhuba uthe amaphoyisa awazange amhlome eminye imibuzo, abuza ngomata ongaphansi kwemoto, kwaqhuma induku emuva kwalokho, amaphoyisa emshayela umata angawazi. Uthe awazange futhi ebanike nethuba lokuphendula.
“Kwala noma sengimemeza ngisho ukuthi ‘ngingumculi mina, ngizocula lana. Nazi nezipikha zami emotweni,’ kwanhlanga zimuka nomoya,” kukhala uPhithiza.
Ngokusho kukaPhithiza, umata abamshayela wona wafakwa yiphara ngaphansi kwemoto ngesikhathi besayothenga ukudla. Iphara elaliphethe umata, lafica umshayeli emotweni lacela imali, walinika uR20. Yilapho elashiya khona umata ngaphansi kwemoto.
Eqhuba, uthe ube eseya esibhedlela eMthatha. Washawa walimala esweni, kumanje iso lakhe aliboni linongwengwezi. Udalule ukuthi ngesikhathi eyovula icala esiteshini samaphoyisa eMthatha, ayengafuni ukumsiza.
“Ngithe sengiyovula icala esiteshini samaphoyisa, bavele bangihleka, bathi angisho inombolo yemoto eyayihamba amaphoyisa. Ngathi angizibonanga izinombolo kodwa amaphoyisa ngingawakhomba. Bathi cha, akusebenzi kanjalo, kufanale ngiwazi amaphoyisa ngamagama nenombolo yemoto ukuze bangisize,” kuphetha uPhithiza.
Okhulumela abe-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uphiko oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa uNksz Lizzy Suping, uthe belungafiki ezandleni zabo udaba.
“Udaba olunjalo alukafiki ezandleni zethu. Sizocela uMnuz Thusi, athinte uphiko lwethu, abike udaba lwakhe ukuze sizolusukumela,” kuchaza uNksz Suping.