UMASIPALA wasoLundi usukulungele ukuthi leli dolobha libuye libe inhloko dolobha yaKwaZulu-Natal.
Lokhu kushiwo iMeya kaMasispala wasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase ngesikhathi kunesidlo sasekuseni nosomabhizinisi bendawo, amakhosi nabatshali zimali abafisa ukuzozitshala ebesihlelwe uMasipala wesiFunda iZululand, ngoLwesibili.
UNtshangase uthe ukulethwa kwezidingo kuleli dolobha kusesimweni esiyiso, ezepolitiki zizinzile kanti nezitolo ezinkulu ebezike zahamba kuleli, sezibuyile.
“Sasivele sikulungele ukuba inhloko dolobha nangesikhathi uhulumeni uthutha isishayamthetho ngo-2004.
“Edolobheni nasemalokishini imigwaqo yethu isesimweni esihle, akukho nowodwa onezimbobo,” kusho uNtshangase.
IMeya kaMasipala iZululand, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe ingqalasizinda ezindazweni zasemakhaya ayikho esimweni.
Umasipala wakhe uyazama ngemali encane osuke uyitholile ukulungisa ingqalasizinda njengoba besanda kwakha inkundla yezemidlalo, eziHlabeni, oLundi.
Uthe inkinga ekhona ukuthi ugesi uyahlupha ngoba ubuye ucishe ngenhloso yokuwonga kodwa banalo uhlelo lokuyilungisa le nkinga ngoba kunenkampani ezokhiqiza ugesi welanga khona oLundi.
“Ngo-2004 ngesikhathi uhulumeni uthutha oLundi kwakunenkolelo yokuthi izitolo ezinkulu zizohamba.
“Ezinye zazo zahamba kodwa manje sezibuyile ngoba ziyakholelwa ekutheni umnotho waleli dolobha uyakhula,” kusho uButhelezi.
Uthe unethemba lokuthi uhulumeni omusha ozongena ngemuva kokhetho uzoqinisa imithetho, kuphele laba bantu abazenza osomabhizinisi abayiziqhwaga abadla imisebenzi ngenkani esifundazweni.
USihlalo weMikhandlu yoMasipala, uSouth African Local Government Association (SALGA), obuye abe iMeya yaseKing Cetshwayo, uMnuz Thami Ntuli uthe uhulumeni wasekhaya, unethuba lokulungisa isimo ukuze sihehe abatshalizimali abazokhuphula umnotho.