USAZIWAYO okusanda kuvela izinsolo zokuthi wadlwengula omunye uzakwabo, uNhlamulo odume ngelikaNota Baloyi, uzinikele emaphoyiseni izolo.
UNota uziyise yena uqobo emaphoyiseni aseRandburg.
Usolwa wuzakwabo owumlingisi u-Itumeleng Bokaba ngokumdlwengula. Lezi zindaba ziqale zavezwa wugobhoza onesigcwagcwa kosaziwayo njengoba enganqeni ukuveza izindaba zabo esidlangaleni, uMusa Khawula.
Lezi zinsolo uzinameke ezinkundleni zokuxhumana, okwenze uNota waba sematheni isonto lonke. Bebodwa abakholwa ‘yisisulu’, abanye bethi uNota uqanjelwa amanga.
Naye uNota kuleli sonto uke waziphendulela, washo ukuthi okuvezwe yilo gobhoza kuyiqiniso, zikhona izinsolo zalolu hlobo ezibhekiswe kuye. Wathi okungelona iqiniso wukuthi wadlwengula.
Uthe empeleni unobufakazi obukhomba ukuthi lo omsola ngokumdlwengula, uyena owazicelela ucansi kuye, wase emnika. Wathi imiyalezo izoba wubufakazi azobunika inkantolo.
Izolo uNota ubhale emakhasini akhe asezinkundleni zokuxhumana ecela abalandeli bakhe ukuthi bambeke emkhulekweni njengoba ebhekene nalezi zinsolo.
"Ngicela ningibeke emikhulekweni. Lolu wusuku olubi ukuzedlula zonke empilweni yami,“ ubhale kanje.
Uthe okumenze wakhetha ukuyozinikela emaphoyiseni, wukuthi uzama ukuthi yonke lento isheshe kungaze kumosheke izinsiza zikahulumeni.
Ukuqinisekisile ukuthi kuze kube manje ubengakaze abekwe cala, kodwa igama lakhe lilokhu limpazile nje ezinkundleni zokuxhumana, eyamaniswa nokudlwengula.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi lo soziwayo uzovela enkantolo ngoMsombuluko.
UCaptain Mavela Masondo, okhulumela amaphoyisa eGoli, uthe owesilisa oneminyaka ewu-34, owusaziwayo uzinikele emaphoyiseni ngoLwesihlanu. Uthe ube esebekwa icala lokudlwengula, uzovela enkantolo yeMantshi eRandburg ngoMsombuluko.