INGASE ichithwe iMeya kaMasipala waseNdumeni, uMnuz Siyabonga Ndlovu, ejikelwe yiqembu elibambisene ne-IFP emkhandlwini, i-DA.
Ikhansela le-DA, uMnuz Mohamed Abdool, lifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdlovu, likhala ngokuthi uyehluleka ukuhola umkhandlu.
Kulesi siphakamiso, u-Abdool usola uNdlovu ngokwehluleka ukwenza umsebenzi wakhe, ukugxambukela, ukusebenzisa budedengu izinsiza zomkhandlu nezinsolo zenkohlakalo.
U-Abdool ungusihlalo wekomiti elibhekelele ukusebenza kwemali yomphakathi kulo mkhandlu.
I-IFP ayizange ithole izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela eNdumeni, ithembele kwi-DA.
U-Abdool ufuna ukuthi isiphakamiso sakhe silalelwe emhlanganweni womkhandlu olandelayo obekungakanqunywa ukuthi uzohlala nini.
Esiphakamisweni esibonwe yiSolezwe, u-Abdool uthi uNdlovu ufika ngesikhathi asithandayo emihlanganweni yomkhandlu.
“Sekuyinto eyejwayelekile ukuthi imeya ivele izihuqele ubuthongo emihlanganweni. Sekuyinto ejwayelekile ukuthi imeya iphume isikhathi eside, ishiye imihlangano yomkhandlu iqhubeka. Lokhu kukhombisa ukuthi ayizimisele kanjani ngomsebenzi.”
U-Abdool uthe uNdlovu usebenzisa budedengu izinsiza zomkhandlu, wathi selokhu kwangena uNdlovu umkhandlu usukhokhe u-R440 000 wokuqasha izimoto.
“Lana ayibaliwe imali kapethroli. Imibiko ikhombisa ukuthi umasipala ukhipha u-R30 000 kapethroli osetshenziswa yizimoto zemeya. Lapha akusikhona ukuthi ihamba izindlela zomkhandlu, izihambela izindawo zayo.”
U-Abdool ubalule ukuthi kunezinsolo zenkohlakalo ezibhekene noNdlovu.
Umholi wekhokhasi ye-IFP eNdumeni, uMnuz Xolani Msezane, uthe lolu daba sebelubike ebuholini obuphezulu beqembu.
“Kusidumazile ukuthi abafwethu esisebenzisana nabo bafake lesi siphakamiso. Udaba silubikile ebuholini obuphezulu. Sinethemba lokuthi kuzothi kufika umhlangano olandelayo udaba lube seluxazululiwe. Ukufakwa kwabo isiphakamiso kukhombisa ukuthi ubudlelwano bethu kabuhambi kahle. Sinethemba lokuthi konke kuzolungiswa.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNdlovu ayizange iphumelele.
Ngesikhathi eshayelwa ucingo okokuqala, ukhale ngokuthi ubengakasiboni isiphakamiso, wacela ukunikwa isikhathi.
Uphinde washayelwa, wacela ukuthunyelwa imibuzo agcine engayiphendulanga futhi akabange esalubamba ucingo ngesikhathi esethintwa emva kwalokho.
Ngaphandle kwamakhansela e-IFP nawe-DA, kuphinde kube namakhansela e-ANC nele-ABC eNdumeni.