UMETHULI wezinhlelo zethelevishini uNonkanyiso Conco, odume ngelikaLaConco ongunina wengane yowayengumengameli wakuleli, uJacob Zuma unengwa abamgxeka ngokubonakala eNkandla kwaZuma.
Uthe kuyamangaza ukubona abantu beba nemibono ehlukene uma ebonakala njalo eNkandla. Uthe kwaZuma kusekhaya lendodana yakhe futhi kusekhaya nakuye ngoba walotsholwa.
Le ntokazi ibiphendula ngezinkulumo ezigcwele ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi kusabalale i-vidiyo yendodana yayo ikubo, naye ehleli namanye amalungu omndeni wakaZuma kubukeka kumnandi.
Kule vidiyo uLaConco ubonakala ephethe ucingo ekhuluma noZuma emcela ukuthi amvotele ngoba eqokiwe emcimbini wezindondo amaSafta.
Kukhona nalapho kuvela indodana yakhe idlala kumnandi nendodana kaZuma, uDuduzane.
“Angisazi ukuthi yini okumele ngiyichaze ngokusondelana nomndeni wakwaZuma. Mina ngaphambi kokuthi ngibe nengane khona ngalotsholwa. Ngakho ngizoya noma yinini khona uma kudingeka. Kungagcini lapho, nginengane okuyikhaya layo laphaya phesheya koThukela. Nami kusekhaya kithi ngoba nginengane khona,” kuchaza uLaConco.
Uthe akukho okuningi okumele akuchaze ngobudlelwane bakhe noZuma.
Phambilini lo mlingisi wagonyuluka ‘ngobuhlungu’ bokukhulisa ingane yedwa, wathi wayengazitsheli ukuthi lokhu kungenzeka kuyena. Wakuveza nokuthi yena noZuma sebahlukana.
NgoLwesithathu ebusuku uLaConco ubememe abangani nabezindaba endaweni yokudlela yomtakabani iBrown Sugar, eMhlanga, ngenhloso yokubungaza ukuqokwa kwakhe kulezi zindondo.
Lo mcimbi ubewenzelwe ngumnikazi wendawo uNkululeko Maseko. Uqokwe emunxeni weBest TV Presenter ovuleleke ukuthi uvotelwe umphakathi.
Kulo munxa uqokwe ngokwethula uhlelo iForever Thina, ebikhonjiswa kuMzansi Magic.
“Ngifikelwa yinjabulo uma ngicabanga ngokuqokwa kwami. Isimithathu iminyaka ngangena emkhakheni wokuba umethuli wezinhlelo futhi ngiyaqala ukuthola ithuba elifana naleli. Kuthe sibizwe yiNetflix ngesonto eledlule sizobungaza khona ukuqokwa, ngaba nengxoxo nomlingisi wesifazane osekhulile ongitshele ukuthi uma isikhathi sakho singakafiki into ayenzeki, wangibongela ngaleli thuba nokungenze ngakhululeka emoyeni,” kuchaza uLaConco.
Uthe uyanxusa abantu ukuthi bamvotele ngoba angakujabulela ukubuya nale ndondo.
Kulo munxa uqhathwe nosaziwayo okubalwa kubo uKuhle Adams owethula uhlelo ( i-Expresso), Dante Poole (Hectic Nine-9 S17), Emo Adams (Noot vir Noot S47), Devi Sankaree Govender (The Devi Show), Mpho Modikoane (The Masked Singer SA), Nomalanga Shozi (The Sauce) nabanye.