ISIHLABANI somculo wokholo uMelusi Mbokazi ugonyuluke ngempilo abeyiphila nozakwabo ongasekho, uSbusiso Zulu.
Izindaba zokushona kukaSbusiso zidalulwe wumkakhe, uZinhle kaMalinga Zulu, ekhasini lakhe likaFacebook. Yize uZinhle engachazanga ukuthi umphefumulo kaSbusiso uphumele kuphi kodwa uthe uhambe emhlabeni ngoLwesine ngezithuba zabo-2.30 ntambama.
Uthe yize ezamukela izingcingo nemiyalezo kodwa ubecela ukubhekana nalesi simo ngaphandle kokuphazanyiswa.
UMelusi uchaze uSbusiso njengomuntu obenenhliziyo emnene futhi eyincwasimende engahlalwa mpukane.
Uthe umufi umenzelile iqiniso empilweni. UMelusi uthe uSbusiso ubengathandi ukubona omunye umuntu ehlupheka kangangoba ubengavele akhiphe okwakhe kokugcina ukusiza omunye umuntu.
Uze wakhumbula benaye phesheya kwezilwandle beyothenga umfaniswano weqembu.
“Wangipha imali, wathi ‘mfwethu awukwazi ukungathengi lutho lwakho lokugqoka lana’ ngoba ngangingenamali, Jesu.” UMelusi uthe nangesikhathi unkosikazi kaMelusi efunda e-Unisa, engenazo izincwadi, uSbusiso wamthengela engazi uMelusi.
“Ngezwa ngaye esethi nangu uMageba esethenge izincwadi.” UMelusi uthe nangesikhathi ethatha izinyathelo zokushadelwa, uSbusiso wabamba iqhaza elikhulu futhi waze waba ngomunye wezimpelesi.
Esephetha uMelusi, uthe Abanqobi bagqemeke udume lwengozi ngoba uSbusiso ubezifela ngaleli qembu labo nomndeni wakhe. Umufi wagqama kakhulu kuleli qembu ngesikhathi lishiywa wuMelusi no-Andile Mbili.
Abanye abaculi ababhonge emswaneni ngokudlula kukaSbusiso ngoThulani Gah Ndlela noThinah Zungu. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungaziwa ngamalungiselelo omngcwabo.