Orlando Pirates (1) 3
Stellenbosch FC (1) 1
I-ORLANDO Pirates iqophe umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukudla isicoco seMTN8 amasizini amathathu elandelana ibhaxabula i-Stellenbosch FC kowamanqumu, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Yize i-Stellenbosch kuyiyona ebone inethi kuqala ngonyawo lukaLehlohonolo Mojela ngesiwombe sokuqala, kodwa amagoli kaTshegofatso Mabasa noRelebogile Mofokeng angene ngesiwombe sesibili - enezezela egolini likaMonnapule Saleng, ebelingene ngesiwombe sokuqala, yiwona awelise iPirates ngelibanzi yakhala yemuka nesicoco okwehlandla lesithathu amasizini elandelana.
Nakuba iStellenbosch ikhombise ukuba yiqembu elingcono kulo mdlalo, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala kodwa ngesiwombe sesibili iPirates yiyona ekhombise ukuba ngcono kakhulu.
Ukungena kukaMabasa noMofokeng ngesiwombe sesibili, kwenze umehluko omkhulu ekuhlaseleni kwayo njengoba ibisiphungwa ngezithebe.
Emizuzwini embalwa yesikhathi ebesesengezwe ngunompempe, eZimnyama zivuke inja ebomvu zahlohla amagoli amabili asheshayo uMabasa ebhakuzisa inethi ngomzuzu ka-91. Leli goli lisuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana njengoba kukhona abebekhala ngokuthi i-free kick ethathwe iPirates ibisendaweni engafanele.
Abadlali beStellies babonakale bephelelwa amandla ngemuva kwaleli goli, bekhalaza kunompempe, u-Abongile Tom ngokwenzekile.
Leli qembu laseKapa lizamile ukuhlasela kulawo manenjana ebesele kodwa kwangalunga, kunalokho uMofokeng wafaka elesithathu, kwazalela ihlokohloko eMabhida.
IPirates inqobe le ndebe ngesizini ka-2022/23, 2023/24 neka-2024/25 ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro, obonakale eguqa ngedolo phansi kungena igoli lesithathu.