ULINDE isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa ngokumele akwenze uNgqongqoshe wezoBulungiswa, uNksz Thembi Simelane, ngezinsolo zokuthi wahlomula ebhange eselawa i-VBS Mutual.
UNksz Simelane ukusho lokhu ngesikhathi ephefumula okokuqala ngalolu daba ekomitini lasePhalamende, lapho ekhiphe ingonyuluka ngemali okuthiwa wayiboleka kuleli bhange.
Uveze ukuthi uRamaphosa nguyena ozomnika umkhombandlela ngokumele akwenze.
“Ngibekwe umengameli kulesi sikhundla ngakho nguyena ozosho ukuthi kumele ngenzenjani. Ngisazovela nasekomitini lezobuqotho lenhlangano engijubile ngiyochaza kabanzi ngalolu daba,” kusho uNksz Simelane.
Ekhuluma eseChina ngalokhu, uRamaphosa uthe akukho okuzofihlwa ngalolu daba.
UNksz Simelane uveze ukuthi waboleka u-R575 600 enkampanini iGundo Wealth Solutions, athenga ngayo indawo edayisa ikhofi eSandton.
Le nkampani yayisebenzisana nebhange iVBS njengoba uMasipala wasePolokwane ayeyimeya kuwona, wawunobudlelwano nale nkampani.
“Ngaboleka le mali ngoba ngangifuna ukuthi ngithole umholo uma sekuphele itoho kuhulumeni. Ngafuna iseluleko enkampanini iGundo ukuze ngikwazi ukufeza leli phupho, yangazisa ukuthi ingakwazi ukungisiza. Ngayikhokha le mali izikhawu ezintathu, ngayibuyisa nenzalo isingu-R800 000 ngayifaka kwi-akhawunti yeGundo, angikaze ngiboleke imali ngqo kwiVBS.”
Uthe akukho akufihlayo, wathi noma esezichaza kuRamaphosa, uzobe esakhuluma udaba olufanayo.
Ukuchithile ukuthi uzoba nomthelela ekutheni ashushiswe yi-NPA nakuba ingaphansi kwakhe.
“Angikwazi ukutshela i-NPA ukuthi ishushise noma ingashushisi. Akukho okuzokwenzeka okuthinta ukucindezelwa kokushushiswa labo abathinteka ekuweni kwe-VBS.”
Uthe ibhizinisi alivula lawa ngesikhathi kuhlasele ubhubhane iCovid-19 emhlabeni jikelele nakuleli.
Uveze ukuthi ngaphambi kokuwa kwe-VBS, umasipala ayewuhola wase uvele usuhoxile ekutshaleni imali kuleli bhange.
Ubalule ukuthi bathatha lesi sinqumo ngaphambi kokufika komyalelo kaMgcinimafa wokuthi bonke omasipala kumele bayeke ukutshala imali yabo ebhange i-VBS.