IGADWE ngamaphoyisa esibhedlela indoda ebandakanyeke engozini yomgwaqo emuva kokuduna imoto umnikazi wayo imfake ebhuthini.
OMnuz Spha Mkhize (32) benoSiphamandla Luthuli (23) baboshwe ngeledlule.
Laba ababili kuthiwa babiza imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile beyiqasha ukuthi ibasuse ePhoenix ibahambise eDuffs Road okuyindawo eyakhelene noKwaMashu.
Kuvela ukuthi kwathi esefikile lapho ayeya khona la madoda, avele ajikela umshayeli wemoto, amkhiphela isibhamu amkhomba ngaso.
Kubikwa ukuthi umnikazi wemoto wasuswa esihlalweni sikamshayeli wayofakwa ebhuthini yemoto, yavalwa.
Ngokuthola ngomthombo weSolezwe, kuthiwa kwathi esesuka ehamba la madoda kanti azobona amaphoyisa, atatazela azama ukubaleka kanti abomthetho bazowajaha.
“Kuthiwa imoto abebaleka ngayo amadoda iphaphalaze yayoshayisa isihlahla uMkhize waphuka amalungu omzimba. Umnikazi wemoto obesebhuthini akalimalanga,” kusho umthombo.
Bobabili abasolwa kuthiwa baphuthunyiswe esibhedlela beyokwelashwa kodwa uLuthuli washeshe wakhululwa.
ULuthuli ubekade evele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesihlanu icala lahlehliselwa leli sonto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuboshwe abasolwa ababili babekwa icala lokuduna imoto.
ULt Col Gwala uthe enye yala madoda ivelile enkantolo ngoJanuwari 13 kanti kulindeleke ukuthi iphinde ivele esikhathini esiyizinsuku eziyisikhombisa.