ININGI labantu baseMzansi liyaziqhenya kakhulu ngoMusa Motha waseSbokeng ofike kwazwakala emncintiswaneni, i-UK’s Got Talent.
UMusa wamukelwe yizinkumbi zabantu esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo namhlanje, ngesikhathi efika ebuya phesheya.
Amajaji amathathu avumelane ngazwi linye ukuthi uMusa uyayenza into yakhe esiteji. Akujwayelekile ukuthi wonke amajaji kulo mncintiswano womdanso avumelane ngazwi linye kodwa kuMusa kwenzekile.
UMusa ugila izimanga ngomdanso nje, unqunywe umlenze kanti uke walwisana nesifo somdlavuza waze wasinqoba.
IPhini loMqondisi Jikelele eMnyangweni wezobuCiko namaSiko, uDkt Stella Khumalo ekhuluma nesiteshi sethelevishini uthe, baziqhenya kakhulu ngokwenziwe uMusa.
“Lokhu kukubeka ngokusobala ukuthi akukho okungakwehlula uma ufuna ukwenza into, phezu kwazo zonke izinto adlule kuzona uMusa kodwa namhlanje usehambe wamela iNingizimu Afrika emazweni omhlaba.
Ngikhuthaza nabanye abantu abasha ukuthi babukele kulokhu okwenziwe uMusa,” kusho uDkt Khumalo.
UMusa uzibongele kakhulu kubantu baseMzansi ngokumeseka wathembisa ukuqhubeka nomsebenzi omuhle.