KULINDELEKE ukuthi afungiswe njengondunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi.
ULesufi kulindeleke ukuthi namhlanje akhethwe ngokomthetho njengondunankulu waseGauteng, emhlanganweni oyisipesheli wesiShayamthetho walesiya sifundazwe.
Umhlangano ubizwe ngemva kokwesula kobengundunankulu wesifundazwe, uMnuz David Makhura, ngoLwesibili ebusuku. Wesula nje bekuvele kunamahlebezi okuthi uhleli ngesinqe esisodwa esikhundleni ngemva kokukhethwa kobuholi obusha be-ANC, eGauteng.
UMakhura obengusihlalo we-ANC eGauteng, akazange awungenele umbango wezikhundla engqungqutheleni ebisekuqaleni konyaka, lapho kukhethwe ubuholi obusha beqembu. Esinye sezizathu ezibekwe nguMakhura encwadini yakhe yokwesula, ngesokuthi ufuna ukwedlulisela amandla ebuholini obusha.
Akubukeki kukhona okungavimba uLesufi ekutheni angene esikhundleni ngoba i-ANC inezihlalo eziningi esiShayamthetho.
Izindaba zokuthi i-ANC izophakamisa uLesufi emhlanganweni wanamhlanje ziqinisekiswe wubuholi be-ANC eGauteng noMengameli wenhlangano, uMnuz Cyril Ramaphosa.
URamaphosa ukuqinisekise lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba engqungqutheleni yenyunyana yothisha, iSadtu.ULesufi ungusihlalo we-ANC eGauteng, uphinde abe nguNgqongqoshe wezeMfundo kuso lesi sifundazwe. URamaphosa uzwakalise ukumethemba uLesufi.
“Siyamemukela undunankulu omusha. Ngicabanga ukuthi uzokwazi ukwenza umsebenzi ngendlela. Isigungu esiphezulu kwi-ANC sizomeseka emsebenzini wakhe,” kubeka uRamaphosa.
Ukuchithile ukuthi uMakhura uphoqiwe ukuthi ashiye esikhundleni.
“Wazisholo yena ukuthi ukulungele ukudlulisela izintambo ebuholini obusha. Kufanele ashayelwe ihlombe ngokudlulisela izintambo ebuholini obusha ngaphandle kwezinkinga,’’ kusho uRamaphosa.
UNobhala we-ANC eGauteng, uMnuz Thembinkosi Nciza, uthe igama likaLesufi lihlonzwe ngemva kwenhlolokhono, lapho kuphekwe khona ngebhodwe elincane abebegaqele isikhundla.
UNcinza uthe bayamethemba uLesufi ngoba usebe ngungqongqoshe isikhathi eside. Uncome igalelo likaMakhura, obesebe ngundunankulu wesifundazwe kusukela ngo-2014.
“Kuningi okwenzekile ngesikhathi sikaMakhura. Sibone izinhlelo zokuthuthukiswa komnotho ebezigxile ekuthuthukiseni amalokishi. Abantu abahlomule kakhulu ezinhlelweni ngabahlwempu.”
UNciza uthe kukhona izinguquko ezizokwenziwa nguLesufi esigungwini songqongqoshe sesifundazwe. Kuzovuleka isikhala esisodwa uma uLesufi eseshiya kwezeMfundo, eyobamba esikandunankulu.
“Izinguquko uzozenza ngemva kokubonisana nobuholi be-ANC esifundazweni. Kulezi zinguquko sizobona abesifazane abasebancane benikezwa izikhundla ezibalulekile. Sinxusa ukuthi abantu bambekezelele undunankulu omusha kulesi sikhathi esenza izinguquko.”