NKOSIKHONA CELE
Umangele futhi uyaveva owesilisa waKwaMaphumulo othi uphenduke inhlekisa ngesikhathi owesifazane abezoshada naye ebaleka ngosuku lomgcagco sekufike ngisho izimenywa.
UMnuz Zakhele Magubane (41) uthi uyoyixoxela amagwababa echobana into ayenziwe nguNksz Simangele Cele (37) ovele wangalubhada endaweni obekumele bashadele kuyo, esethi akakulungele ukushada.
Umshado walaba bekumele ube ngoJanuwari 6 kodwa wagcina ubhuntshile.
UMagubane uthe umakoti wakhe empeleni unyamalale wangatholakala ngosuku olwandulela umshado, kodwa umndeni ubuzitshele ukuthi uzobe ekhona ngosuku lomshado.
Uthe ngesikhathi ethola ukuthi unyamalele, uphuthume esiteshini samaphoyisa ukuyobika ngokunyamalala kwakhe.
Uthe kuthe esendleleni, wathola ucingo luvela kumakoti wakhe.
Ngokusho kwakhe, uthe umbuzile ukuthi kungani enza into ebuhlungu kangaka.
"Uxolisile kimina, wathi ukhethe ukuthi anyamalale ngoba ubesebona ukuthi akakulungele ukuthi angashada. Ngivele ngaphelelwa ngamagama," echaza.
Uthe ngemuva kwalokho akabange esaqhubeka nokuthi ayovula icala, wajika waphindela emuva.
Uthe kusukela lapho akamtholi ocingweni uNksz Cele, nokuyinto athe imcasula kakhulu.
“Zonke izimali zami esengizimoshile ngilungiselela lolu suku olugcine lungiphendula inhlekisa uzozikhokha zonke uSimangele,” usho kanje.
Uveze ukuthi bese beneminyaka emihlanu bethandana. Abanabo abantwana.
Uthe uzamile ukukhuluma noyise kaNksz Cele kodwa akukho okwamanje abasavumelene ngakho.
Ethintwa uNksz Cele, uthe uyamthanda kakhulu uMnuz Magubane.
Uthe uzizwe esonovalo olukhulu ngaphambi komshado, angalwazi beluvelaphi.
Uthe ngosuku olwandulela umshado, ube nephupho elibi. Uthe uphuphe abantu bedubula babulala yena emshadweni, okwenze waba nokwesaba.
Uthe uvele wazizwa engenwa ngamanzi emadolwen, wabona ukuthi kayingangaye.
"Konke lokhu kungithusile ekubeni ngiyazazi ukuthi angiyiphuphi into engenzeki," usho kanje.
Ebuzwa ukuthi kungani engaxhumananga noMnuz Magubane ngalokhu, uthe akasibonanga isidingo sokwenza koho.
ISolezwe Ngempelasonto likhulume nomunye osondelene nalaba, oveze ukuthi umakoti ubalekiswe wukuthi kukhona abakubo kamkhwenyana abamsola ngokuhluleka ukuthola abantwana.
UMfu Bhekisisa Mtshali, obekumele abashadise laba, utshele intatheli ukuthi umakoti ngaphambilini uke wagonyuluka kuyena ngokuthi useyesaba ukushada.
Uthe kodwa ubengazitsheli ukuthi usengaze abaleke impela.