KUWUJABULISILE umndeni wowesifazane owagwazwa wabulawa enxanxatheleni yezitolo i-Gateway umsolwa elaxaza ukufaka isicelo sebheyili.
Umsolwa uMnuz Siphamandla Khumalo (34) obevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo, ubhekene necala okugwaza abulale unina wezingane zakhe uNksz Nomfundo Msibi (30) ngo-Agasti 4.
Ngesikhathi evela ngo-Agasti 6, wayekade etshele ummeli wakhe, uMnuz Ntando Cele, ukuthi uzofaka isicelo sebheyili ngoLwesine.
Nokho ushaye ungqimphothwe esethi ibheyili akasayifuni.
Umfowabo kamufi, uMnuz Halalisani Mbatha, uthe kubajabulise kakhulu bewumndeni okwenziwe umsolwa.
“Sisola ukuthi ubebona vele ukuthi ngeke ayinuke ibheyili uma kubhekwa isihluku asenzile ngesikhathi ebulala udadewethu,” kusho uMbatha.
Ubuye wathi babona nokuthi ubuyile umqondo kuyena ukuthi wenza into embi kunina wezingane zakhe.
“Ubone kahle ukuthi awukho umphakathi azokwazi ukuhlala kuwo emva kokwenza isigameko esinyantisa igazi,” kusho uMbatha.
Imantshi uMnuz Ashwin Singh ilihlehlisele u-Okthoba 1, nonyaka, icala ukuze kuqhubeke uphenyo.
Uthe ngalelo langa, uyobe esesho ukuthi lizoqhubeka eNkantolo yeMantshi yaseThekwini noma ledluliselwa eNkantolo yesiFunda.
Kuthiwa umufi wayesemalile umsolwa kodwa engafuni nokuyizwa leyo.
Kuvela ukuthi umufi ubeseshintshe izindawo zokuhlala izikhawu ezintathu, ezama ukubalekela umsolwa.
Ngosuku olwandulela olwesigameko kuthiwa umsolwa wavusa indaba ye-lay-by ayeyithume umufi ezinyangeni ezintathu ezedlule.
Kuthiwa wathi ucela ayomkhiphela yona ngoba uyayidinga.
Kubikwa ukuthi umufi wayengazizwa kahle ngalokhu kodwa waya ngenkolelo yokuthi, uma eseyikhiphile, umsolwa uzoyeka ukumlandela.
Kuthiwa umufi wacela ukuthi umsolwa athumele umuntu, angazizeli yena, kwathi yena (umufi) wacela ukuphelezelwa umngani, ezizwa engaphephile.
Kuvela ukuthi umufi wathi uma efika e-Gateway wathola ukuthi umsolwa uze nomfowabo, waqala ukumhilizisa eseyikhiphile e-lay-by, esethi uyogibela erenki yamatekisi, wagwaza wafela endaweni yesigameko.
Enkantolo umsolwa uvele edlubhe ijakhethi empunga, elokhu ebeke isandla esibhandishiwe ebusweni. Kuthiwa walimala ngesikhathi eboshwa.
Ibikhona yomibili imindeni enkantolo, okamufi nokamsolwa.
Umufi nomsolwa bebenezingane ezimbili, eyashona ineminyaka eyisikhombisa, nephilayo eneminyaka eyisihlanu.