AYIFIKANGA lapho beyilindelwe khona insangu ka-R4.7 million eshaqwe amaphoyisa kwiloli ebeliyishushumbisa isuka eSwatini, ibheke ngaseGoli.
Kuboshwe umshayeli walo ongowokufika eNingizimu Afrika oneminyaka engu-30.
Kuthiwa amaphoyisa alunywe indlebe ngeloli ebikade ishushumbisa insangu evinjwe kuthelawayeka u-N12 eDelmas, eMpumalanga.
Okhulumela amaphoyisa eMpumalanga, uColonel Donald Mdhuli, uthe iloli iqhutshiwe kwayiwa nayo esiteshini samaphoisa saseDelmas.
Yiapho okuvundululwe khona insangu, isisindo sayo esingu-1 180kg, ebikade isongwe nge-sellotape ekhakhi yaba ngamaphasela angu-63.
“Kuboshwe indoda edabuka ezweni laseSwatini eneminyaka engu-30. Okwamanje ayaziwa indawo lapho beyikade iyiswa khona le nsangu. Umsolwa uzovela enkantolo maduzane,” kusho uMdhuli.
Zehle kamnandi lezi zindaba kuMkhuzi wamaPhoyisa obambile eMpumalanga, uMajor General (Dr) Zeph Mkhwanazi.
“Sijatshuliswa nawukusebenza okube khona kwezinhlaka zokuphepha ezahlukene. Le miphumela emihle kangaka izothumela umyalezo nakulabo abazama ukushushumbisa noma ngabe yini engagunyaziwe kuleli, ukuthi bazohlangana nezimbila zithutha, ngeke badabule,” kuxwayisa uMkhwanazi.