INingizimu Afrika ikleliswe yaba yizwe lika-59 kwangu-113 enza umnotho ngokudayisa ukudla emhlabeni.
Usomnotho wezolimo uMnuz Wandile Sihlobo, we-Agbiz, uthe ngokomqingo okukleliswa kuwo umnotho wamazwe ngokubheka umnotho wawo awakha ngokudla i-Economist’s Global Food Security Index ka-2022 ephume kuleli sonto, iNingizumu Afrika iyizwe lesibili kwahamba phambili ngokuba nomnotho ophezulu awenza ngokudayisa ukudla eSub Saharan Africa kanti nyakenye ibiyizwe lokuqala.
Uthe lokhu kudalwe ukwenyuka kwamanani okudla kuleli okwenza ukuthi abanye abantu bangabe besakwazi ukuthenga ukudla ngendlela abafisa ngayo.
"Ukwenyuka kwamanani okudla eNingizimu Afrika kufinyelele ku-9.5% ngo-2022, kusuka ku-6.5% ngo-2021, kulo nyaka kwenyuka ngo-12%,” usho kanje.
INingizimu Afrika isendaweni engcono kakhulu yokukhiqiza ukudla. Isimo sezulu esihambisana neLa Nina silethe imvula enhle ezweni lonke okuthuthukise ezolimo.
Uthe lokhu akusho ukuthi iNingizimu Afrika sekumele ikhululeke kodwa kusadingeka ukuthi ibhukule ngokwenyusa umnotho ngezolimo ngoba kuyabonakala ukuthi iwona mkhakha onethuba elihle lokuthuthuka.
Uqhube wathi kusamele kwandiswe amasimu ngokuthi kulinywe ezindaweni zasemakhaya kungagcini ngokulima emapulazini kuphela.
USihlobo ubesho lokhu nje ngoba ekuqaleni kwesonto bekugujwa usuku iWorld Food Day.
USolwazi Xikombiso Getrude Mbhenyane wophiko olucwaninga ngokudla eStellenbosch University, uthe kukhuthazwe umphakathi ukuthi ubuyele ezindleleni zakudala zokukhiqiza ukudla ozokudla ukuze kwehle amanani okudla ezitolo.
Uthe kumele kuqalwe ngokukhuthaza ukuthi abantu babuyele endleleni yokudla ukudla okufana nemimfino nezithelo zemvelo. Lokho kuzokwenza ukuthi abantu bazitshalele okwabo ukudla.
“Ukube sonke besinezingadi zethu, intengo yokudla ibizokwehla ezimakethe ngoba kunokudla ebesingeke sikuthenge. Ukukhiqizwa kokudla kubaluleke kakhulu, angicabangi ukuthi umphakathi siwutshela ngendlela eyenza ukuthi uqonde ukuthi uma sizikhiqizela ukudla kwethu okuncane okungaba isipinashi, utamatisi, lokho kungaba nomthelela emananini entengo emakethe.” kusho uSolwazi uMbhenyane .