UKUXOSHWA kwekhansela le-ActionSA kubambezele umhlangano wokuqoka usomlomo omusha womkhandlu osenhlokodolobha yakuleli, iTshwane.
Ikhansela le-ActionSA, uNksz Nkele Molapo lixoshwe ngaphambi kokuqala komhlangano womkhandlu wayizolo obubizelwe ukuzoqoka ozongena esikhaleni sikaDkt Murunwa Makwarela.
UMakwarela washiya lesi sikhundla ukuze ayothatha esobumeya, nokuyisikhundla angazange ahlale isikhathi eside kuso emva kokuvela kokuthi akakulungele ukuphatha isikhundla.
Umhlangano wokuqoka usomlomo bekufanele uqale ekuseni kepha ubulokhu uhlaba ikhefu njengoba bekuphikiswana ngokuxoshwa kukaNksz Molapo.
UNksz Molapo uxoshelwe amacala okukhona kuwona ukupotshozela amanye amaqembu ulwazi lwe-ActionSA oluyimfihlo.
Uphinde asolwe ngokugovuza amakhansela e-ActionSA ukuba angavoti namaqembu i-ActionSA evota nawo eTshwane.
Ukuxoshwa kwakhe kube yindaba egudwini emhlanganweni wayizolo emva kokuthi kuvele ukuthi ukuphonsela inselelo enkantolo.
UNksz Molapo ubhalele umkhandlu incwadi yabameli ewazisa ukuthi udaba lokuxoshwa kwakhe useludlulisele kubameli.
Amakhansela e-ANC ne-EFF abefuna ukuthi umhlangano wayizolo ungaqhubeki kuze kube inkantolo inquma ngokuxoshwa kukaNksz Molapo.
Ikhansela le-ANC, uMnuz Moses Maluleke, lithe uNksz Molapo unelungelo lokuvota emhlanganweni wayizolo.
“UNksz Molapo kufanele avikelwe futhi thina sizomkhulumela. Sonke ngesikhathi singena emkhandlwini sasayina isifungo. Isifungo sithi kufanele sithembeke emkhandlwini,”Kepha amaqembu afana neDA, ActionSA, ACDP namanye, athe akukho okuvimba umhlangano wayizolo ukuthi uqhubeke.
Ikhansela leDA, uMnuz Cilliers Brink, lithe njengoba kungekho sinqumo senkantolo esichitha ukuxoshwa kukaNksz Molapo, umhlangano kufanele uqhubeke.
“Asikho isivimbelo senkantolo esivimba ukuthi siqhubeke nomhlangano futhi asikho isinqumo esichitha ukuxoshwa kukaNksz Molapo. Mina ngibona ukuthi kufanele siqhubeke nomhlangano.”
Emva kokucela ikhefu izikhathi ezahlukene ukuze ithole ukwelulekwa kwezomthetho, imenenja kamasipala, uMnuz Jahann Mettler, inqume ukuthi umhlangano wayizolo uqhubeke ngaphandle kukaNksz Molapo.
Abaphakanyiselwe kulesi sikhundla kukhona ikhansela le-ActionSA, uNksz Kholofelo Morodi nele-ATM, uMnuz Mncedi Ndzwanana.