NAKUBA baziwa ngokuba ngenye yezinkampani ezihamba phambili ngokukhiqiza izikhali zombutho wezempi kuleli zwe nasemazweni omhlaba, kodwa babona kungakeneli asebekwenzeile uma kuqhathaniswa nabasakufisa kule ndima.
Labo yinkampani iMilkor, esizakhele udumo umhlaba wonke selokhu yasungulwa ngo-1981, ngokuba yinkampani ethenjwayo ekukhiqizeni izikhali, iziklebhe nama-drone kobuchwepheshe besimanje.
UMnuz Daniel Du Plessis wale nkampani, ikomkhulu layo elisePitoli, futhi enamahhovisi okusebenzela eGoli naseKapa, uthe ukuhlale beshisekela ukwenza okukhulu, kwenza babone umsebenzi asebewenzile unganele futhi ungakapheli.
“Singabantu abahlale bezihlupha ngokuthi singenzanjani ukuthi umsebenzi esiwenzayo uhlale usezingeni elicokeme, okwenza kuthi noma amakhasimende ethu esincoma nabantu bengawuvali umlomo ngesikwenzayo, kodwa singaboni sesifanelwe wukuhudula izinyawo. Sihlale sifuna okukhulu,” kusho yena.
Eqhuba, uthe balapha abakhona manje nje, indaba yaqala ngokuthi benze iziqhumane ezisetshenziswa ngabombutho wezempi, okuthe ngo-1994 benabela emazweni omhlaba.
“Kuthe ngo-2017 sadlondlobala kakhulu ezweni, sase sandisa nezinto esizenzayo njengoba manje sesikhiqiza nezimoto ezinkulu ezisetshenziswa empini. Sisanda kukhiqiza nohlobo lwe-drone eyenziwe ngobuchwepheshe besimanje bezinga eliphezulu futhi enkulu kunawo wonke akhona e-Afrika.
“Sesidayise imikhiqizo yethu engaphezu kwa-62 00 emazweni omhlaba angaphezu kwa-50 emhlabeni wonke kule minyaka ewu-43 sikhona. Kanti asimile njengoba sisafuna ukuqhubeka senze okukhulu, futhi sandise amathuba omsebenzi ikakhulu kubantu abasha ngoba bayikusasa,” kusho uDu Plessis.
I-Milkor inabasebenzi abawu-500, okuhlanganisa abawu-320 ebaqashe eKapa.
UDu Plessis ucebise abantu abafuna ukungena endimeni yabo ukukhuthalela ukwenza izifundo zobunjiniyela bamakhemali nezobuchwepheshe besimanje.