UNGQONGQOSHE kagesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthe alukapheli uhlelo lokunqamuka kukagesi kodwa into eyenza ukuthi ungacimi njengamanje wukwehla kukagesi odingekayo ngenxa yokuthi abezimboni basavalile.
URamokgopa usho lokhu ngoLwesine esithangamini nabezindaba.
“Izimboni ezinkulu ezisebenzisa ugesi omningi zivalile, yingakho sibona ugesi unganqamuki kulezi zinsuku. Simatasa silungisa imishini yethu yokuphehla ugesi ukuze ingafi singalindele. Sisebenzisa lesi sikhathi samaholidi ukuqinisekisa ukuthi ugesi uyanda ezweni ngokuthi sisheshe siyivuselele kahle imishini yethu,” kusho uRamokgopa.
Uthe ugesi okhona njengamanje uwu-27 700MW kanti odingwa ngabantu okwamanje uwu-24 695MW.
Ebusika ugesi obudingwa ngabantu ubuwu-33 000MW.
URamokgopa uthe okwamanje ugesi ngeke ucinywe kodwa kuzocaca kahle uma sekuvule izimboni ukuthi izinhlelo zabo zithela izithelo ezinhle ngempela yini.
Uveze ukuthi kulezi zinsuku eziwu-14 ezidlule ugesi ongekho ngenxa yemishini efa bengalindele uwu-12 245MW.
Wathi yilesi sizathu esenza ukuthi basebenzele ukuyilungisa imishini ukuze ikwazi ukusebenza kahle.
Ubalule ukuthi akukubi kangako ohlangothini lokufa kwemishini ngoba ebusika ugesi obungekho ngenxa yokufa kwemishini ubungaphezu kuka-15 000MW kodwa manje wehlele ku-12 245MW.
NgoDisemba 18 uthe imishini ebifile ibithathe ugesi ongaphansi kuka-11 000MW kodwa abakwazanga ukuhlala kuleli zinga njengoba kube neminye imishini efayo.
Uthembise abantu bakuleli ukuthi imishini iyalungiswa ukuze ngonyaka ozayo izinga lokunqamuka kukagesi ngenxa yemishini efa kungalindelwe lehle.
Wenze isibonelo ngesiteshi sikagesi iDuvha esinogesi omningi kangangokuthi sekuthiwe akucinywe omunye umshini ukuze ulungiswe.
URamokgopa uthe bayaqhubeka nezinhlelo zokwethula izinhlobo zikagesi ezehlukene okukhona kuzo ophehlwa ngamalahle, owenuzi, owelanga, owomoya nowegesi.
URamokgopa uthe okwamanje ugesi usazokhanya kodwa kuzocaca kahle uma sekuvule izimboni ukuthi izinhlelo zabo zithela izithelo ezinhle ngempela yini.