IKHOMISHINI yokulingana ngokobulili, iCommision for Gender Equality, ithi iyalwa nesihlava sokushushumbiswa kwabantu esibonakala sanda kuleli.
Le nhlangano iphawule kanje emuva kwesigameko sokukhululwa kwabesilisa abangu-33 abebevalelwe endlini eyigumbi elilodwa eBoksburg, eGauteng, ngeSonto.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, abathunjiwe bahlengwe ngamaphoyisa aKwaZulu-Natal.
Uthe amaphoyisa azithela phezu kwalaba besilisa, elandela umkhondo womsolwa obeyamaniswa necala lokuthumba owokufika kuleli eSpringfield Park, eThekwini, ngeledlule.
Okhulumela iCommision for Gender Equality, uMnuz Javu Baloyi, uthe benza konke okusemandleni ukulwa nesihlava.
“Sisebenza namaphoyisa nezinye izinhlaka ezilwa nobugebengu ukuqeda nya ngalesi sihlava esibukeka sidlondlobala kusukela eminyakeni embalwa edlule,” kusho uBaloyi.
Uthe banemikhankaso ezweni lonke, lapho befundisa khona imiphakathi ngalo mkhuba.
Uveze ukuthi kule mikhankaso, bafundisa imiphakathi okukhona kuyo abazali nezingane ukuthi baqaphele.
“Sisebenzisana nenhlangano yamalungelo abantu neminyango kahulumeni efana nowezaseKhaya, owezobuLungiswa neminye ukuqinisekisa ukuthi lobu bugebengu buyacindezelwa,” kusho uBaloyi.
Uqhube wathi akufanele ngabe abantu abasha nezingane bayashushumbiswa bakhishwe kuleli abanye balethwe ezweni, bese kuyathulwa.
Uveze ukuthi abantu bashushumbiswa ngezindlela ezingafani njengoba kukhona abakuleli abashushumbiswayo, kuphinde kushushumbiswe nabokufika. Wathi kwezinye izigameko abagilwa basuke bekhishwa kuleli kanti kwezinye basuke belethwa.
Ubuye wanxusa abantu ukuthi bangathuli uma benolwazi ngezehlakalo zalobu bugebengu.
“Abasukume, babikele amaphoyisa, iminyango kahulumeni ethintekayo, baphinde basibikele nathi enombolweni yethu yocingo engakhokhelwa ethi 0800 007 709,” kusho yena.
UNetshiunda uthe emva kokuncinzwa indlebe, amaphoyisa agasele eBoksburg, afike asindisa abagilwa, abese ebopha umsolwa oyedwa.
Uthe iminyaka yabagilwa isazoqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi, kanti nomsolwa naye kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.
NgoMgqibelo, ababhekelela ukuphepha kwemingcele yakuleli namanye amazwe, iBorder Management Authority (BMA) ihlenge izingane ezingu-443 ebezisuswa eZimbabwe zilethwa kuleli.
Ngesikhathi kwenzeka lokhu, kuthiwa lezi zingane zitholwe emabhasini angu-42 emngceleni waseBeitbridge.
Kuvela ukuthi lezi zingane bezineminyaka engaphansi kuka-8 kanti zitholwe zihamba zodwa, bengekho abazali noma abazigadile, nokuyikho okusolise ukuthi ziyashushumbiswa.
Kwesinye isigameko, amaphoyisa athole abagilwa abangu-70 eNewcastle, ngoSepthemba. Kuthiwa laba babesuswe eThekwini, bethenjiswe umsebenzi.
Kuthiwa udaba lwabo lwalandelelwa emva kokuthi unina woyedwa esole ukuthi kukhona okushaya amanzi emva kokungamtholi ocingweni izinsuku zilandelana emva kokuhamba kwakhe ekhaya “eyosebenza” eMadadeni. Lona wesifazane wavula icala esiteshini samaphoyisa iBhekithemba eMlaza.
NgoMashi nonyaka, amaphoyisa aphinde ahlenga abesifazane abahlanu ababeshushumbiswe eGauteng, balethwa eDurban North, KwaZulu-Natal.
Ngaleso sikhathi, okhulumela amphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, wathi laba besifazane abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-27 babethenjiswe umsebenzi wase-call centre lapho okuthiwa bebezodayisa khona ama-sim card.
Kuthiwa ngesikhathi sebefika eDurban North, kwashintsha ukudla epuletini, sebetshelwa ukuthi bazosebenza umsebenzi ofaka phakathi ucansi. Kwavela ukuthi oyedwa wabo, wakwazi ukuthi ashaye ucingo, olwagcina lubasiza ukuthi bathole usizo emaphoyiseni.