UMKHANDLU olawula othisha kuleli iSouth African Council of Educators (Sace), ukhala ngokuncishiswa kwesabelomali okwenza luhambe kancane uhlelo lokuphothulwa kwamacala abhekene nothisha kuleli.
Lo mkhandlu uthe yize ulishumayeza nsuku zonke ivangeli lokuthi akumele bashaywe noma bahlukunyezwa abafundi kodwa othisha bayaqhubeka nokusebenzisa induku nokuhlukumeza abafundi.
Umkhandlu ukhale nangothisha ababukeka belungile futhi bethembekile emphakathini kodwa abagila imikhuba ezikoleni.
UNksz Ella Mokgalane isikhulu esiphezulu seSace, uthe babhekene nengwadla yokuthi incane imali ebekelwe ukuphenya amacala asuke ebhekene nothisha.
Uthe ukwehliswa kwesabelo sabo nguMnyango weMfundo eyiSisekelo, kudale le nkinga.Ubalule ukuthi bahlinzekwe ngoR2 million kuphela ukuphenya amacala othisha evile ku-900.
Ukhale ngothisha ababukeka belungile, athi abanye babo abawusizo emphakathini yibo abagila imikhuba kubafundi.
“Abanye babo bagila imikhuba enzima ekubeni uma ubabuka emphakathini, bawusizo, bathembekile futhi ngeke ubacabangele ukuthi bangagila le mikhuba. Abanye babo bafuna isidoda kubafundi basifake ezitsheni bahambe naso.
“Abanye bathatha amathoyizi ocansi, badlokodle ngawo izingane zamantombazane. “Abanye baze badlwengule nomzali womfundi obegiliwe. Izimo esibhekana nazo ezidinga ukuthi kwenziwe okuthe xaxa uma kuphenywa ukuze kutholakale umnyombo wokuthi yini eyenza umuntu osuke ethathwa njengofundile ukugila le mikhuba.”
Uthe bayazama ukusheshe bawaphenye amacala afika kubona.
“Amanye awo noma kungathiwa unemali eyenele yokuwaphenya kodwa ngeke ukwazi ukuwasheshisa.
“Isibonelo nje, kungene amacala abalelwa ku-300 kusuka ekuqaleni kukaMashi, noma sithanda kangakanani ngeke siwaqede ingaphelile inyanga ngoba ziningi izinto ezenziwayo kusaqoqwa ubufakazi ukuze ukwazi ukwenza uphenyo olunzulu,” kuqhuba uNksz Mokgalane ngesikhathi lo mkhandlu uvele ngaphambi kwekomiti lezemfundo ePhalamende.
I-DA ikhale ngokugqoza kokuphothulwa kwamacala athinta ukuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni.
UNgqongqoshe woMnyango, uNkk Angie Motshekga, uqinisekise ukuthi zenyukile izibalo zokuhlukumeza ngokocansi ezibikwe kulo mkhandlu. Uthe ngo-2020/2021 abe ngu-169 amacala abikiwe uma kuqhathaniswa nangu92 abikwe ngo-2019/2020, kwathi ngo-2021/2022 aba ngu-191.I-Sace ithe amanye amacala agcina eyekiwe ngenxa yokushoda kobufakazi, ukungafiki ngamabomu kofake icala ukulekelela ophenyweni nasezinhlelweni zokuqondisa ubugwegwe kosolwayo ecaleni nokunqaba kofakazi ukusebenzisana nomkhandlu.